Isolezwe: Kudliwe ezikanokusho kwaMpisane

http://www.iol.co.za/isolezwe/kudliwe-ezikanokusho-kwampisane-1.1465815#.URhzNR11-RY

Kudliwe ezikanokusho kwaMpisane

INTATHELI YESOLEZWE

OMAKHELWANE baphume bama izixongololo bebukela ithimba loKlebe elibizwa nge-Anti-Corruption Task Team lishaqa izimoto zikanokusho zomndeni waseThekwini oyizinjinga ezithathwe emzini wazo eLa Lucia izolo ekuseni.

Umndeni wakwaMpisane ongomacaphuna kusale eThekwini usale nezimoto ezimbili kuphela izolo emuva kokudlelwa inqwaba yezimoto, indlu, nempahla yasendlini ngabethimba ngamaphoyisa ashaqe izimoto ezingu-62 sekuhlangene nezomsebenzi.

Intengo yomuzi ilinganiselwa ku-R80 million.

Phakathi kwezimoto ezithathiwe kubalwa i-Ferrari, ama-Rolls Royce amabili, ama-Porshe amabili , yi-Maserati, yi-Hummer ne-Dodge Ram ezithuthwe ngamaloli abeshaye ujenga ngaphandle komuzi wabo.

Intengo yezimoto ezishaqwe kwaMpisane ilinganiselwa ku-R25 million. Abantu abahamba ngalezi zimoto eNingizimu Afrika bayabalwa ngoba zibiza izigidi kanti noma uzithenga ufaka i-oda bese ulinda isikhathi esithile futhi nentengo yazo awukwazi ukutshelwa yona ungakalifaki i-oda lokwenza isiqiniseko sokuthi imoto uyayithenga.
IMaserati nje ibiza R3.5 million neFerrari ibiza kusuka ku R2.9 kuya ku-R3.9 million.

Lezi zimoto ngezikaMnuz Sbu Mpisane nenkosikazi yakhe, uShauwn, abangabanikazi benkampani eyenza imisebenzi eyehlukene iZikhulise Cleaning Maintenance and Transport CC.

Izimoto ezithathiwe zizogcinwa endaweni okubekwa kuyo izimoto enkampanini i-Ian Wyles Auctioneers. Ukushaqwa kwezimoto zakwaMpisane kudale amabongo komakhelwane nalabo abebedlula ngezimoto bebukela kuthathwa izimpahla abanye bebuzana ukuthi ngabe seziyathathwa futhi njengasekuqaleni.

Incwadi egunyaza ukuba kudliwe izimpahla zakwaMpisane ikhishwe yijaji leNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu emva kophenyo olunzulu olwenziwe ngoKlebe mayelana nezinsolo zokuthi iZikhulise yasebenzisa imininingwane engekho emthethweni ngesikhathi ifaka amaphepha enhlanganweni yosonkontileka, i-Construction Industry Development Board (CIDB) ukuze kuvuleke iminyango yamathenda.

Ukwemukelwa kwemininingwane eyalethwa ngabakwaMpisane kule nhlangano kwadala ukuba bathole amathenda abalelwa ku-R140 million eminyangweni kahulumeni.

Incwadi yenkantolo igunyaza ukuba kudliwe impahla ebiza le mali yingakho kudliwe ngisho impahla yasendlini ngesikhathi kutheleka abe-Asset Forfeiture Unit.

Uma icala libalahla yonke le mpahla ingawela ezandleni zombuso. nakuba isinqumo sokuba kuthathwe izimpahla sikhishwe busululu emahhovisi eJaji, uMnuz Nkosinathi Chili kodwa uMpisane ubesebalinde esangweni lakwakhe abomthetho ngesikhathi betheleka ngabo-6 ekuseni izolo. UNkk Mpisane yena uhambe waziyela emsebenzini njengejwayelo kwasala ubaba wekhaya egade abebeqoqa izimpahla zakwakhe.

Abaphenyi abangene ngaphakathi emzini kaMpisane bebebabaza ubuhle bawo ngaphakathi besho nokusho ukuthi kunamakamelo amabili agcwele izicathulo zikaNkk Mpisane ezithe shaye emashalofini ambethe ubonda.

UNkk Mpisane uvela namuhla eNkantolo mayelana namacala athinta umkhonyovu wamathenda akhishwa iminyango ehlukene kahulumeni.