Inhlamvu yangempela eyabulala ‘owayemasha’

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fSectionId=199&fArticleId=3145261

Inhlamvu yangempela eyabulala ‘owayemasha’
March 8, 2006

By Siphamandla Goge

Umphumela wokuhlolwa kwesidumbu sikaNksz Nomthandazo Ngcobo wakwa-E eMlazi,
owadubuleka washona ngesikhathi amaphoyisa evulela ngenhlamvu kunombhikisho,
uveze ukuthi kwasetshenziswa inhlamvu yangempela.

Lokhu kusho ukuthi umbiko owakhishwa ngamaphoyisa phambilini wokuthi
uNomthandazo wadubuleka ngezinhlamvu zenjoloba, wawungelona iqiniso.

Izolo Isolezwe lithole ukuthi kuhlinzwe isidumbu sikaNomthandazo nalapho
kutholwe khona inhlamvu yangempela ebisabhajwe emzimbeni wakhe. Wadubukela
eqolo washonela emgwaqweni esigcemeni sakwa-E.

Kwakunombhikisho khona ngelanga lesigameko, umphakathi wakule ndawo
ukhononda ngekhansela, uMnuz Bhekisisa Elliot Xulu. Umphakathi wawusola
ukuthi uXulu waba nesandla ngokukhwabanisa amavoti nokwaholela ekutheni adle
umhlanganiso kulowo owayeyimbangi yakhe eyangenela ukhetho ngokuzimela.

Izakhamizi zashisa amathayi emgwaqweni, zabeka namatshe. Kwabizwa amaphoyisa
endawo afika aqapha isimo ngokuthula, nokwathi kamuva kwatheleka elinye
ithimba lamaphoyisa.

Kwaphela imizuzwana nje kwaphinde kwafika elinye futhi nelaligqoke izinto
zokuvikela ubuso. Kuwo lowo mnyama amaphoyisa aqonda ngqo esixukwini
esasizimele aphosa isisi esikhalisa unyembezi maqede alandelisa
ngezinhlamvu.

Ngesikhathi amaphoyisa esephonsa isisi esikhalisa unyembezi sahlakazeka
isixuku, abe esedubula. Akucacanga kahle ngaleso sikhathi ukuthi ngubani
owakhipha umyalelo wokuthi kudutshulwe. Izikhulu zamaphoyisa ezazikhona
zabukeka zididekile ngemuva kokuthola ukuthi uNomthandazo useshonile.

Kukhona omunye wesilisa owadubuleka emlenzeni waphuthunyiswa esibhedlela,
wabuye wadedelwa. Engxoxweni naleli phephandaba uNkk Busi Ngcobo, unina
kaNomthandazo, uvumile ukuthi uwutholile umphumela wokuhlolwa kwesidumbu
sendodakazi yakhe noveze ukuthi yashona ngemuva kokudutshulwa ngenhlamvu
yangempela.

“Izolo kuhlinzwe isidumbu sakhe (uNomthandazo) nalapho kutholwe khona
inhlamvu yangempela emzimbeni. Kubuhlungu ukuthola ukuthi ingane yami
yadutshulwa kabuhlungu kanjena, ibe ingenze lutho. Namanje ngisadidekile
angazi ukuthi kumele ngenzenjani,” kusho uNkk Ngcobo.

Uthe ngelanga lesigameko uNomthandazo wayezimele esitobhini elinde ukugibela
amatekisi eya emsebenzini.

“Wadubuleka ekuso isixuku leso, kodwa wayemi esitobhini elinde itekisi eya
emsebenzini. Silahlekelwe kakhulu ngoba nguye obesibhekile kuleli khaya
kwazise ubesebenza kangconywana. Sisazobonisana nabomndeni ukuthi ukusuka
lapha kuzokwenzekani manje,” kuqhuba yena.

Isolezwe liphinde lathola ukuthi wonke amaphoyisa ayekhona kulesi sigameko
abizelwe ehhovisi likaKhomishana wamaphoyisa eSiphingo ukuyochaza kabanzi
ngalokhu.

Kuphinde kwathathwa zonke izibhamu ezasetshenziswa zayohlolwa. Kuphinde
kwavela ukuthi litholakele iphoyisa elisolwa ngokudubula uNomthandazo.

Okhulumela amaphoyisa uMqondisi Bala Naidoo ugcine evumile izolo ngemuva
kokuthintwa Isolezwe ukuthi amaphoyisa asebenzisa inhlamvu yangempela.

“Kutholakele ukuthi kwasetshenziswa inhlamvu yangempela ephuma esibhamini
esincane. Okuzokwenzeka manje ukuthi sizolinda abe-Independent Complaints
Directorate (ICD), okuyibo asebesinge-the lolu daba ukuthi uphenyo lwabo
luhamba kanjani,” kusho uNaidoo.

Uthe iphoyisa okusolakala ukuthi ladubula ngesibhamu okuyiso esibulale
uNomthandazo lizothathelwa izinyathe-lo ngemuva kwalokhu. Phambilini uNaidoo
waphika ukuthi kwasetshenziswa inhlamvu yangempela.