Kufe oyedwa bebhikishela ikhansela

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fSectionId=199&fArticleId=3138890

Kufe oyedwa bebhikishela ikhansela
March 3, 2006

By Siphamandla Goge

Kudubuleke kwashona owesifazane oyedwa ngesikhathi amaphoyisa evulela
ngenhlamvu ebhekise equlwini lamalungu omphakathi abebhikishela ikhansela
elidle umhlanganiso okhethweni lohulumeni basekhaya eMlazi, eThekwini izolo.

UNksz Nomthandazo Ngcobo (23), wakwa-E, ushone ngemuva kokudubuleka eqolo.
Udubuleke ngesikhathi yena namanye amalungu omphakathi bebaleka ngemuva
kokuba amaphoyisa ephose isisi esikhalisa unyembezi ukuhlakaza isixuku,
maqede alandelisa ngezinhlamvu. Kusolakala ukuthi kukhona amaphoyisa
asebenzise izinhlamvu zangempela, kanti akhona nasebenzise ezenjoloba.

Kume yonke into emigwaqweni yakule ndawo ngesikhathi umphakathi uvala
imigwaqo ngamatshe ushisa namathayi. Umphakathi uthe ufuna ikhansela
laku-Ward 80 uMnuz Bhekisisa Elliot Xulu, ahoxe kulesi sikhundla ngoba bethi
wehlulekile ukubalethela izidingo ngqangi, phambilini njengoba ebevele
eyikhansela.

Bathi walungenela ngendlela engacacile ukhetho lohulumeni basekhaya
obelungoLwesithathu. Izakhamizi zisola nokuthi kube nomkhonyovu ngemiphumela
yokhetho kule ndawo njengoba uXulu edle umhlanganiso.

Zikhononda ngokuthi uXulu ube nesandla ekukhwabaniseni kwamanye amavoti.
Umphakathi uthi kudala waphakamisa ukuba ehle esikhundleni ngoba akawenzi
umsebenzi phezu kokuba esephathe iminyaka eyishumi.

UNksz Zanele Maphumulo, oyilungu lomphakathi, uthe bona babezikhethele
umuntu ozongenela ukhetho, kodwa bafihlelwa sekuyokhethwa okokugcina
kwaphakanyiswa leli khansela abangalifuni. Uthe lo ababemphakamisile wabe
esengenela ukhetho ngokuzimela.

“Thina asinankinga nencane ne-ANC, kuphela nje yileli khansela
elingalungile. Kudala sithi siyamkhipha lo muntu waze wabuyela wangenela
ukhetho ngendlela engacacile. Usephathe iminyaka eyishumi kodwa akasenzeli
lutho, sifuna aphume ngoba ngeke sikumele ukuphathwa nguye. Ukhona umuntu
esamphakamisa singumphakathi kodwa sashaywa indiva,” kusho uNksz Maphumulo.

Ukushuba kwesimo kuholele ekutheni kwengezwe elinye ithimba lamaphoyisa
phezu kwalawa abekhona. Kubizwe nezicishamlilo, zakhuculula umonakalo
emgwaqweni. Ngemuva kancane kwalokho kubuye kwatheleka elinye futhi ithimba
lamaphoyisa, eliqonde ngqo esixukwini. Izimoto bezibalelwa ku-25.

Aqale athusa isixuku ngesisi esikhalisa unyembezi. Sihlakazekile isixuku
abantu bagcwala imigwaqo naphakathi kwemizi.

Amaphoyisa alandelisa ngezinhlamvu ebhekise kwabebebaleka.

Kukhona omunye wesifazane odubuleke esiswini waphuthunyiswa esibhedlela.
Efika endaweni yesigameko, uNkk Busi Ngcobo (unina kaNomthandazo, oshonile)
ubonakale ubusweni ukuthi usekwamukele ukushona kwendodakazi yakhe.
Ubesekhaya khathi kwenzeka lokhu, lapho elandwe khona.

Ubelokhu ephimise amagama awodwa ewaphindaphinda ebuza ezikhulwini
zamaphoyisa ukuthi “iphi enye ingane yami ngoba enye ngiyayibona
seniyidubulile, uphi uS’tha nimenzeni-ke yena?” Kuphele ihora lonke ingafiki
i-ambulensi ebibizelwe endaweni yesigameko, nefike izishayela kancane.
Umphakathi wesabise ngokushisa umuzi wekhansela.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uMqondisi Bala Naidoo, uthe lona
wesifazane oshonile udubuleke ngezinhlamvu zenjoloba.

“Iqeqebana labantu lishise amathayi ngoba umuntu walo obengenele ukhetho
ngokuzimela engawinanga, befuna kuwine yena kodwa kwawina owe-ANC. Kubizwe
amaphoyisa aqale ngesisi esikhalisa unyembezi abantu bawajikijela ngezinto
ezithize ase edubula ngezinhlamvu zenjoloba,” kusho uNaidoo.

Uthe umphumela wokuhlolwa kwesidumbu salona wesifazane yiwo ozocacisa
ngembangela yokushona kwakhe. Uthe kunophenyo oluqhubekayo ngalokhu. Imizamo
yokuthola uXulu ayiphumelelanga.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mtholephi Mthimkhulu, uthe ngeke
iqembu labo livume kube khona idlanzana elidukisa abantu libanike ulwazi
okungelona okuholela ezigamekweni ezifuze lezi.

“Umbiko esiwutholile uthi lo mphakathi ukhononda ngoba engawinanga umuntu
obengenele ukhetho ngokuzimela. Kutholakele ukuthi kwesinye isikhungo
sokuvota uphumelele ngamalengiso, kodwa kwezinye izikhungo ngaphansi
kwe-ward eyodwa wangaphumelela. Ukunqoba esikhungweni esisodwa akusho ukuthi
uzonqoba kuzo zonke.

Ngeke i-ANC ivume kudukiswe abantu yidlanzana ngoba lifuna ukufeza izinhloso
zalo. Abantu bakhulumile ngokuvota, akukho okunye,” kusho uMthimkhulu.

Ungqongqoshe wezokuPhepha nokuxhumana nomphakathi, uMnuz Bheki Cele, uthe
zonke izibhamu ezisetshenzisiwe kulesi sigameko zizoyohlolwa.

“Abantu baku-Ward 80 abangathuki amaphoyisa ethu akhona ukuqapha isimo.
Sizopequlula yonke into size zithole umnyombo walokhu,” kusho uCele.