Isolezwe: Ifilimu ngempilo yabantu basemijondolo

UKUHLALA emijondolo engahlanzekile, ukumpintshana, amanzi ageleza anganakwa muntu, usizi lokudilizelwa, nokusha kwezindlu yinto ozoyibona maduze nje ku-SABC 3 ohlelweni iSpecial Assignment.

Lokhu kuvezwe nguMnuz Mukelani Dimba wesikhungo esisiza umphakathi ekutholeni ulwazi lokuthi izidingo zawo zizolethwa nini, i-Open Democracy Advice Centre, eseKapa (ODAC).

Uthe le filimu (documentary) ikhombisa ukuthi ulithola kanjani ilungelo lakho lokwazi elikumthethosisekelo, iRight to information Act ka-2000.

NgoMgqibelo abantu abahlala emijondolo bathole ithuba lokuyibuka kuqala le filimu, i-The right to Know, echaza ngempilo yabantu abahlala emijondolo njengoba beyethulwa ngokusemthethweni.

Le filimu ayikhulumi kuphela ngabantu abahlala emijondolo, kodwa nabahlala emakhaya aseNtambanana, ngaseMpangeni, abeswele amanzi ababethenjiswe ukuthi bayowathola uma sekufika uHulumeni wentando yabantu.

Ekhuluma kule filimu, UNksz Busisiwe Gule uthe sekuze kwakhethwa kabili amakhansela belokhu bethenjiswa ukuthi bazowathola amanzi, kodwa kungachazwa ukuthi kanjani.

Uthe bebengazi ukuthi bangedlulela phambili uma bengeneliseki yincazelo abayinikwa yikhansela.

uDimba uqoqe umphakathi wakule ndawo balibangisa emahhovisi kamasipala ukuyobuza ngezethembiso ezingagciniwe.

Imenenja kaMasipala ithe banohlelo lweminyaka emihlanu lokufakela lo mphakathi amanzi, kodwa banolunye uhlelo lokufakwa kwezigwedlo (boreholes). Ithembise ukubanika usizo ngokushesha.

Efilimini kuze kwaphela izinyanga ezimbili bengayitholi impendulo kulo mkhandlu, baze babuyela kuyo i-ODAC ukuze ibasize. ekugcineni lo mphakathi uyawathola amanzi athelwa ethangeni lomphakathi njalo ngosuku.

Kubahlali basemijondolo baseThekwini kunzima njengoba sekuphele iminyaka emibili bezama ukuthola ezikhulwini zikamasipala ukuthi zizokwakhiwa nini, kanjani futhi nakuphi izindlu? Izindlu zomxhaso zalaba bahlali ezamenyezelwa yiMeya, iKhansela Obed Mlaba ngo-2005.

Kulukhuni satshe ukuthola iMenenja yalo mkhandlu, uDkt Mike Sutcliffe uma ungumuntu nje, ngokwefilimu. uMnuz Sbu Zikode, umholi wabahlali basemjondolo, uchithwa izikhathi eziningi ngonogada baseCity Hall uma ezama lokhu.

Ngokusizwa nguDimba, ugcina embonile uSutcliffe.

USutcliffe uthi abahlali basemijondolo ngabantu abathanda ukubukwa, hhayi ngoba beqonde ukulungisa izinto.

Uyakuphika ukuthi kunzima ukuthola ulwazi kulo mkhandlu, ngoba ikhona iwebsite yalo mkhandlu echaza ngezihlelo zawo.

Enkulumweni yakhe nethimba le-ODAC uthi ukunikezwa kolwazi kubahlali basemijondolo ngezinhlelo kungaba yinkinga njengoba bebalewa ku-500 000.

Ekugcineni impendulo evela eMkhandliwini ifikile emahhovisi abahlali basemijondolo, kodwa akekho kubo ebekuqonda okubhalwe kuyo. Ulimi lwesilungu olusetshenziswe kuyo luphezulu kakhulu futhi akulula ukuthi ukuqonde okushiwo kuyo uma ungenalo ulwazi lwezomthetho.

UDimba uthe le filimu izosiza imiphakathi ukuze ikwazi ukuqinisekisa ukuthi amalungelo ayo akumthetho- sisekelo ayahlonishwa.

Usuku okuzovezwa ngayo le filimu alukaziwa.

Published on the web by Isolezwe on June 18, 2007.