Isolezwe: Kuboshwe inqwaba yabadayisi futhi

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=3893527

NQWABA yabadayisi basemgwaqeni eThekwini ebizolalela icala lozakwabo abangu-25 ababoshwa ngoMsombu-luko nayo igcine ikhalelwe ngamasongo kasigonyela izolo.

Laba badayisi bashaqwe ngamaphoyisa ngaphandle kweNkantolo yeMantshi eThekwini ngemuva kokuthi benqabe ukubuyela ematafuleni abo ngesikhathi betshelwa ukuthi ozakwabo ngeke bavele enkantolo izolo.

Kwale ngisho iPhini likaMengameli webhodi elilawula abadayisi eThekwini i-Informal Traders Management Board, uMnuz Themba Duma, ebatshela ukuthi abaholi bazoxoxisana namaphoyisa abadayisi abakhululeke baphindele ematafuleni abo, kodwa bala baphetha.

“Siphindele ematafuleni siyodayisani ngoba konke esikudayisayo kuthathwe yiwo amaphoyisa? Awasibophe sonke ngoba kuyefana uma siphindela ematafuleni bazofika basifune izimvume lezi esingenazo. Asiyi ndawo,” kusho uNksz Buselaphi Mhlongo obelapha.

Isifiso sikaNksz Mhlongo sigcine sifezekile ngemuva kwamahora ambalwa bemile ngaphandle kwesango lenkantolo.

Umgwaqo ongaphambi kwenkantolo ubuvalwe ngemigqomo kadoti namapulangwe ngabadayisi ebebebonakala benomfutho becula amaculo omzabalazo.

Ngaphandle kwalokhu bebebuye bamemeze bebhekise emaphoyiseni bethi sibopheni.

Ubungaze ucabange ukuthi ubukele ifilimu ngesikhathi amaphoyisa akwaMetro Police nawoMbutho i-South African Police Services eqoqela ndawonye abadayisi bebengaphezulu kuka-1 000 esebenzisa isisi esikhalisa unyembezi namanzi.

Abanye babaleke kumnyama kunjalo, abanye baqoqelwa ndawonye bagcwaliswa izimoto zamaphoyisa ebezishintshana ziyobavalela esitokisini.

Kusale izicathulo namaselula sebeboshwa kodwa bebelokhu beziculela nje bengazi nokuthi lidumephi.

Kwabanye besifazane bekunzima njengoba kukhona novukwe yisifo sokuwa welashwa maqede waphonsa evenini.

UDuma uthe ngeke bayeke ukumasha njengoba uMasipala ungabafaki ezingxoxweni uvele ufike kubo usuzithathile izinqumo.

“Sisazoqhubeka nokuya emhlanganweni noMasipala kusihlwa (esho izolo), sifuna uMkhandlu uluqale phansi uhlelo lokunikezwa kwezimvume kubadayisi futhi kukhokhwe imali elinganayo,” kusho uDuma.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uSuperintendent Muzi Mngomezulu, uthe abakabi naso isiqiniseko ngesibalo sababoshiwe kodwa wathi kuthiwe bangaphezu kuka-500.

“Ababoshwa ngoMsombuluko kulindeleke ukuthi bavele kusasa enkantolo njengoba izolo amaphoyisa abesafuna isiqiniseko sezindawo abahlala kuzo,” kusho uMngomezulu.

Uthe ababoshwe izolo bazovela maduze ngecala lokubamba umhlangano ongavumelekile nokususa udlame emphakathini.