Isifundo sika Thuli Ndlovu

24 September 2020

Isifundo sika Thuli Ndlovu

Mphathi wohlelo, baholi babahlali baseMjondolo kuwo wonke amazinga, omama, instha. Ngokukhethekile ngibingelele imindeni yamaqhawe ethu, mama Ndlovu, mama Mpeku, mama Ngcobo, mama Sizani, mama Dlamini,

Namhlanje usuku olukhulu nolubalulekile emlandweni woMbutho wabahlali lapho sikhumbula khona amaqhawe ethu anikela ngezimpilo zawo ukuze mina nawe nabantwana bethu siphile kangcono. 

U September akusiyo inyanga enhle kithina bahlali baseMjondolo, kumele silalele kahle:

Mhlaka 26-27 September 2009 uMbutho wawunama hhovisi okuqala emjondolo yaku Kennedy Rd lawa sungulwa khona. Ngalolusuku kwahlaselwa lama hhovisi kwahlaselwa namakhaya abaholi baba hlali e Kenndy, kwalimala abantu, kwashona abantu ababili.

Ngomhlaka 26 June 2013 uSihlalo wabahlali base cator Crest owayeqavile uNkululeko Gwala wadutshulwa washona ngesihluku esesabekayo. Lokhu kwenzeka emva kwa mahora ambalwa emva komhlangano wabaholi abaqavile be ANC okwakhukhona owayengu Sihlalo wayo eThekwini Region u Sbongiseni Dlomo nowayeyi Meya yeTheku u James Nxumalo.

Ngomhlaka 30 September 2013, emashini yabahlali base Cator Crest eyayi nokuthula, iphoyisa u Constable Ndlovu wadubula wabulala u Nqobile Nzuza, umntwana owayeneminyaka engu 17 vo efunda eBonela High. Kulobo bumnyama kwabe sekuboshwa owayengu Nobhala wabahlali u Bandile Mdlalose.

Mhlaka 29 September 2014 owayengu Sihlalo wabahlali KwaNdengezi u Thuli Ndlovu wadutshulwa wabulawa ngamakhansela amabili e ANC, uMduduzi Christian Nqola Ngcobo, Luvelile Lutsheku nenkabi yabo u Ndlovu. Babe sebegwetshwa udilika jele, bayadonsa nje sikhuluma.

Mhlaka 13 June 2017, Amaphoyisa kamasipala wase Thekwini adubula abulala u Samuel Hloule wase Kukhanyeni eseneminyaka ewu 29 vo kade ezodiliza imizi yabahlali

Mhlaka 19 November 2017, u Sihlalo wabahlali base Sisonke, uSibonelo Mpeku wabulawa ngesikhulu isihluku esekhaya lakhe eSisonke.

Ngomhlaka 22 May 2018 owayengu Sihlalo wabahlali baseKukhanyeni uSifiso Ngcobo wadutshulwa washona esemzini wakhe ekukhanyeni.

Akusibo laba kuphela bahlali, bangu 18 sebe bonke, babe bulawa ngamaphoyisa ase Ningizimu Afrikha, u Metro police, u Land Invasion unit, amakhansela e ANC nezinkabi zawo.

Uma uThuli engavuka namhlanje angathini nge branch yakhe yaKwaNdengezi? Engabe umphakathi wakhe uthini ngomawakhe nabantwana bakhe abasele bodwa?

Uma uSbonelo Mpeku engavuka namhlanje ebona abahlali bengasekho kwakubakhona eSisonke yena efele ubala angalila.

Uma Sfiso uNgcobo engavuka namhlanje angathini ngomphakathi awulwela waze wanikela ngempilo yakhe? Engabe umphakathi nabaholi bakhe bake bazihluphe ukuzwa nje ukuthi umntwana wakhe uqhuba njani esikoleni? Ulala edleni? Engabe lobuhlali bobuntu esibufundisa lapha buyenzeka emphakathini yabahlali?

Bahlali asizibuze ukuthi siyibonga ngani lemindeni eyanikela ngezimpilo zawo, ukuze thina sithole umhlaba, lo esesihlezi ngoku nethezeka kuwo namhlalnje?

Zimbili izipho esinganikela ngaso uma sineqiniso, neqiniso likhona kithi ukuthi:

1. Ayikwazi ukulamba lemindeni sikhona, thina esashiyelwa umhlaba okuyifa laphakade singabi nandaba futhi singazihluphi.

Azingapheli izinyanga ezintathu singahlanganisanga njengomphakathi siyovela siyikhumbule lemindeni. Ngokwenza njalo siyobe senza ubuhlali uqobo. Nginovalo uma singakwenzi lokhu, ngoba kuzosho ukuthi nathi siyothi uma sihamba emhlabeni abantwna bethu badlle udaka.

2. Okwesibili esingakwenza ukuhlonipha lamaqhawe ethu kanye nemindeni yawo, ukuthi sisebenze ngokuzikhandla nangokuthembeka ukuqhubeka lapho babegcine khona ukuze ikusasa labantwana bethu, nezwe lethu kube ngeliqhakazile.

Asisukume siyofuna izidingo zethu komasipala, asisukume siyofuna umhlaba, siwuvikele lona esesihleli kuwo ngayo yonke indlela. Asisukume siye emgwaqeni siyofuna imali edliwe kwama sipala obekumele isihlinzeke ngezidingo nebekumele isihlinzeke ngokudla ekhishwe u Social Development kulesikhathi se Covid-19.

Asisukume silwe nodlame olubhekiswe komama nabantwana, sibavikele ngayo yonke indlela. Sivikele abantu abasuka kwamanye amazwe, abasizo izitha zethu. Izitha zethu uhulumeni wama bhunu amnyama, ongxiwankulu abacashe ngaphansi kwama sudu. Izitha zethu yilabo abasidilizelayo, izitha zethu yilabo abantshonstha imali ka hulumeni okufanele engabe isiza thina. Izitha zethu yilabo abasavotela amasela nezinkabi ezisibulalayo.

Amandla!!!