Isolezwe: Bazowudlela ehlane uKhisimusi

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4771129

Bazowudlela ehlane uKhisimusi

December 22, 2008 Edition 1

Boniswa Mohale

BANGASE badlele uKhisimusi emakhazeni abahlali bakuKennedy Road, eThekwini, ngemuva komlilo oshiye dengwane imindeni ewu-20 entathakusa yayizolo.

Lesi sigameko sokusha kwemijondolo kule ndawo ngesesishiyagalombili kulo nyaka kanti okhulumela inhlangano yabahlali basemijondolo, uMnuz Sbu Zikode, uthe kushe imijondolo elinganiselwa ku-30.

Uqhube wathi inkinga kule mijondolo wukuthi izidingongqangi ezifana namanzi nogesi kukude nabantu bese kuba khona abazixhumela ugesi ngokungemthetho.

Ngesikhathi leli phephandaba livakashele le ndawo lifice abantu bezama ukubheka okusele emlotheni, abanye bese beqalile ukuvuselela imijondolo ngamapulangwe nothayela abangashanga kakhulu.

UNksz Khethiwe Vundisa (44) waseNtabamhlophe, eNewcastle, oseneminyaka eyisithupha ehlala kule mijondolo, uthe uvuswe wumsindo wabantu akade bebheka ukuthi bakhona yini omakhelwane abasalele.

“Ngivuke ngathatha isikhwama sami esinepasi, okokugqoka anginakho, ngisele nale ngubo engiyigqokile futhi nokudla ngikugcine ngoMgqibelo,” kusho uNksz Vundisa

Ikhansela le ndawo, uMnuz Yacoob Baig, lithe lizoxoxisana nomasipala ukuthi ulethele izakhamuzi izinto zokwakha kabusha imijondolo yazo, lathi ukudla kuzofika namhlanje.