Isolezwe: Lishiselwe ihhovisi ikhansela le-ANC okuthiwa alifunwa

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5247838

Lishiselwe ihhovisi ikhansela le-ANC okuthiwa alifunwa

November 17, 2009 Edition 1

MLUNGISI MHLOPHE

Kucekelwe phansi ngomlilo ihhovisi lekhansela eMayville, eThekwini, kungakapheli ngisho amahora angu-24 abantu bakule ndawo bekhononde ngekhansela labo.

Abantu bakule ndawo, eyimijondolo, bathi abasamfuni noma bambone uMnuz Richard Ngema oyikhansela le-ANC.

Izolo Isolezwe libike ngodaba lwabantu bakule ndawo ababe nomhlangano ezinkundleni zemidlalo eMayville ngeSonto lapho kuphume khona isinqumo sokuthi achithwe uNgema ngoba kuthiwa uyahluleka ukuletha izidingo zomphakathi nokuthi ikomidi lakhe lidayisa ngezindlu zomxhaso.

Lo mphakathi uphinde washisa ugandaganda obusesizeni lapho kwakhiwa khona imixhaso, kwashiswa amathayi kwacakazwa nodoti emgwaqeni.

UNgema ukhala ngokuthi kushe yonke impahla ebiphakathi ehhovisi lakhe okuyikhompyutha, umshini we-fax ne-printer.

Uthe izigilamkhuba zivule iwindi lehhovisi lakhe zingaphandle zaphosa into evuthayo kwasha yonke impahla ebiphakathi.

“Ngifonelwe onogada ebusuku bathi babona isixuku sabantu enkundleni yezemidlalo ngabe sengibikela amaphoyisa ase-Cato Manor aphuthuma khona,” kusho uNgema.

Uthe omunye walaba asola ukuthi bebeyingxenye yalokhu umfonele emtshela ukuthi kukhona abahlela ukuhlasela nomuzi wakhe ngalobo busuku.

“Ngiyabona ukuthi nempilo yami ayisaphephile kodwa ngeke ngize ngibaleke endaweni ngoba ngisaba laba bantu,” kusho uNgema.

Okhulumela amaphoyisa ase-Cato Manor, u-Inspector Nkanyiso Mkhize, uthe bazwile ngesigameko sokushiswa kwamahhovsi ekhansela alikho icala elivuliwe okwamanje.