Kennedy Road Fire – 29 April 2007

Basale dengwane kusha imijondolo
Submitted by richard on Mon, 2007-04-30 07:22. Isolezwe | Phili Mjoli |

SIPHENDUKE intandane ingane enezinyanga eziyithupha ephonswe unina ngaphandle komjondolo obugqamuka amalangabi adlule nomphefumulo kanina kuKennedy Road, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.

Kuthiwa uNksz Bheni Mhlakwane ongowokudabuka eMatatiela, eMpumalanga Kapa, ushe wangqonga nomjondolo wakhe ngemuva kokuphonsa ingane kuyise obengaphandle. Ibalelwa ku-100 imijondolo eshile kule ndawo nosekushiye inqwaba yabantu bengenandawo.

Okhulumela laba bahlali, uMnuz Thelumusa Lembede, uthe uNksz Mhlakwane unele wezwa kuthiwa kuyasha waphuma ngesamagundane. Uthe esesemnyango, wakhumbula ingane yakhe, waphindela ngaphakathi wabhodloza umjondolo endaweni ebingakashi wadonsa ingane wayiphonsa ngaphandle.

“Sithe sisalindele ukuthi aphume ngaleyo ntuba abeyivulile, wangaphuma. Uyise wengane ungene kuwo lo mjondolo uvutha ngentuba ephume ingane, wangamtho-la, kanti uphume ngenye intuba washa wafela khona lapho,” kusho uLembede.

Akuyena yedwa uNksz Mhlakwane ofe ngesikhathi kusha le mijondolo. NoMnuz Ephraim Phungula okusolwa ukuthi ubelele ushonele khona lapho.

“UPhungula akazange avuke ngesikhathi kumenyezwa kuthiwa kuyasha, size sabona sekucishwe umlilo ukuthi ubengaphakathi endlini,” kusho uLembede.

UNksz Dora Zulu, ongumama wezingane eziyisishiyagalolunye ubesahleli phansi kompheme osalile ngesikhathi kusha.

“Sisele nesikugqokile kuphela, nakuleli hholo esilala kulo ngilala ngezingubo zabasindile. Okubuhlungu ukuthi nginosana olunezinyanga ezine nalo olusele nelikugqokile kuphela,” kusho uNksz Zulu.

UMnuz Jacoob Baig oyikhansela lakule ndawo, uthe akekho eThekwini useGoli ezihlotsheni zakhe ebezivelelwe umshophi, kodwa wethembisa ukuthi namhlanje uzozama ukuthi abathintekile batholelwe usizo oluphuthumayo lwezingubo nokudla.

“UMkhandlu unohlelo lwezimo eziphuthumayo lokusiza abasuke besele dengwane ngizothintana nekomiti elikule ndawo libe lingibhalela umbiko ngokwenzekile kanye nenamba yabathintekayo ukuze ngikwazi ukubafaka kulolu hlelo kusasa (namhlanje),” kusho uBaig.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uSupt Vincent Mdunge uthe lolu daba lubikiwe emaphoyiseni.

“Amaphoyisa athole izidumbu ezintathu kule mijondolo, abesilisa ababili nowesifazane,” kusho uMdunge.