Mama ubuyiqhawe noMholi ukulwile ukulwa okuhle

Ngithi hhay uyinqokonqoko wena ongabonwayo..
Wena uyinqongqo mihla yonke..
Ungusomaqhuzu ozimele..
Iqhawe ngisho selulele..
Walinika amandla.
Amangalisayo

Ubile yinqhawe lamama kwaze kwafika ekugcineni
Bambulala abazitshel ukuth bangongqondongqondo
Becabanga ukuthi kuzoba njengejwayelo banethezeke
Kanti sebefik komunye ungqondongqondo
UNdlovukayphikiswa…Iqhawe lethu.

Ngikhumbula ligobhoza elakhe igazi bemshayile
Ngikhumbul ubuso bakhe buthulile kamnandi..
Bungenakuthuk noma ukunyukubala
Bukhombis ukuth asqedile njal
Ususa ingan yam ebeleni uyangbulala..
Qhawe lethu

Ngiyaziqhenya ngowam umama
Usinakekele ngisho eselele
Walwa ekanye nezingelosi zaThixo
Justice hv been made…
Ayidilikelwe ijele kube phakade

Angizondi muntu ngoba elam iqhawe alingifundisanga loko
Kepha ngijabulela amandla ongabonwayo
Lala ngokthula manje mama usuyiqedile eyakho indima
Usuyigoqile intambo yakho…
Siyohlale sikukhumbula…lala qhawe
Abakubulele bayakuvuma nabo.
Sizonakekelana nosisi omncane owangshiya naye
Nogogo ngokunjalo.

Silindile Ndlovu, 21 May 2016