Isolezwe: Abasezikhundleni sebesikhohliwe

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=3885242

Abasezikhundleni sebesikhohliwe

June 15, 2007 Edition 1

MHLELI: Esikhathini esingaka izwe lethu lathola inkululeko kodwa kuyacaca kahle kamhlophe ukuthi uma ungumuntu odla imbuya ngothi, unezinselelo eziningi zokuthi uzabalaze.

Lokhu ngikusho ngoba uma ubuka abaholi babahlali basemjondolo nabadayisi emgwaqeni, uthola ukudumala okukhulu.

Yibo laba bantu ababezibandankanye no-UDF (United Democratic Front) belwa nohulumeni wobadlululo. UNkulunkulu emkhulu banqoba.

Okubi wukuthi ababeza-balaza nabo basezikhudleni, abasabakhumbuli nakancane ngoba besezingeni eliphansi ngokwezimo zempilo, njengokuhlala emijondolo. Lokhu kwenza abaholi abanjengoMnuz Sbu Zikode (uMengameli waBahlali) oMnuz Lindela Figlan (ilungu lekomidi laBahlali) bazaba-laze okwesibili belwela intuthuko njengamanje.

Mnikelo Ndabankulu

CLARE ESTATE