Isolezwe: Basola onogada bakamasipala ngobulewe ngesihluku

NONTUTHUKO NGUBANE, Isolezwe

UMPHAKATHI wasemaNsenseni, eDassenhoek, ngaphandle kwaseThekwini ukhala ngesihluku sonogada bakamasipala okuthiwa badubule babulala owesilisa ngesikhathi bezodiliza imijondolo.

UMnuz Samuel Hloele (29) ushonele kule mijondolo izolo ekuseni emuva kokudubuleka ebusweni nasemhlane.

Kulesi sigameko kulimale kanzima abanye besilisa ababili.

Umfowabo kamufi uMnuz Samkelo Sizane uthe bafuna onogada abadubulile baboshwe. 

“Kubuhlungu kakhulu abakwenzile kumfowethu bemdubula engenzanga lutho. Onogada bafike lapha (emjondolo) bavulela ngenhlamvu ngaphandle kokudiliza izindlu noma ukusicela ukuba sisuke. Ngihlukumezeke kakhulu ngoba noma sengizama ukusiza umfowethu baqhubekile badubula kwaphoqeleka ukuba ngibaleke ngiyocasha,” kusho uSizane.

Uthe le ndawo banezinyanga ezingaphezu kwezinhlanu behlala kuyona. Umufi ubengasebenzi kodwa ebheka amatoho.

UMnuz Nzimande (igama angalidalulanga) uthe bewumphakathi bahlukumezeke kakhulu ngesenzo sonogada.

“Okusixaka kakhulu nokusihlukumezile ukuba onogada bafike badubula bengakhulumi nathi, besitshele ukuthi bazokwenzani. Sihlukumezekile ngendlela ebenze ngayo nesihluku abasivezile kuthina,” kusho uNzimande.

UNzimande uthe baneminyaka behlala kulendawo abayifica iyihlathi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe kuvulwe icala lokubulala nawokuzama ukubulala.

“Ngo-10:30 ekuseni namhlanje (izolo), kufike onogada abasebenzela umasipala bezodiliza imijondolo. Ngokombiko umphakathi ulwisane nonogada unqaba ukuba idilizwe. Amaphoyisa abe sedubula ngezinhlamvu zenjoloba ukuhlukanisa isixuku. Abantu abathathu badubulekile. Ona-29 washonela endaweni yesigameko. Amaphoyisa ase-Mariannhill avule amacala. Akekho oboshiwe, uphenyo luyaqhubeka,” kusho uMbhele.

Ababili abalimele kuthiwa baneminyaka engu-50 no-54

Kuthintwe ikhansela lakulendawo uMnuz Sfiso “Nada” Ngcobo, uthintiwe ngalolu daba. Owesilisa ongazidalulanga uphendule ucingo lwakhe, wathi ikhansela alikho. Ikhansela ligcine lingabuyelanga kwiSolezwe kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Izolo kulendawo bekumapeketwane njengoba abaningi kuthiwa bacashe amahlathini ngoba besaba ukuthi onogada bazobuya bebahlasele kulo mjondolo.

Umasipala waseThekwini uthunyelwe imibuzo nge-email izolo, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ungabuyelanga entathelini.