Amakhansela ayingozi, sesiyawesaba: Zikode

Mhlengi Shangase, Isolezwe

UMENGAMELI waBahlali baseMjondolo, uMnuz S’bu Zikode
UMENGAMELI waBahlali baseMjondolo, uMnuz S’bu Zikode (osesithombeni), uthi sebeyawasaba amakhansela ngoba aseyingozi emphakathini. 

UZikode, obefakaza kwikhomishini ephenya ngokubulawa kosopolitiki eyajutshwa nguNdunankulu uMnuz Willies Mchunu, uthe akubona kuphela abahlali abasaba amakhansela kodwa nomphakathi ngoba asephenduke abantu abangenanembeza.  

“Siyawasaba manje amakhansela. Ziningi izigameko lapho kuhlukumezeke amalungu Abahlali nomphakathi ngesandla samakhansela. Asizona izitha zikahulumeni noma ezamakhansela, seza emadolobheni ngoba sifuna impilo engcono nokuthi sondle imindeni yethu,” kusho uZikode.

Uthe ziningi izigameko lapho kuhlukunyezwa abantu ngesandla sawo amakhansela.

Ubalule amalungu cishe amane athi ashona ngoba elwa namakhansela.

“UThuli Ndlovu owayenguSihlalo KwaNdengezi wadutshulwa yinkabi eyayithengwe ngamakhansela amabili, uNqola Ngcobo noVelile Lutsheku. Inkabi yabo yadubula uThuli ephethe ingane washonela khona lapho. Wabulawa ngemuva kokuthola izinsongo ezazivela kuyena uNqola, ngempela wadutshulwa. Okuhle nje wukuthi bobathathu badonsa odilikajele ngaleli cala lokubulala,” kusho uZikode.

Uthe omunye umntwana owasinda kudutshulwa uNksz Ndlovu uyinkubela manje ngenxa yokulimala.

“Maningi namanye amacala athinta amakhansela njengoba naseNanda, kwathi kunomhlangano waBahlali elinye lamakhansela lafika nabantu abafike bavulela ngenhlamvu esixukwini ngoMashi 26 kulo nyaka, kwalimala abantu.

“Omunye owasinda uBanele Manyathi kumanje uhamba nezinhlamvu emzimbeni ngoba kwathiwa ngeke zikhishwe ngenxa yesimo akuso. Uma ubuka lezi zehlakalo yizona ezenza siwasabe amakhansela ngoba acabanga ukuthi siyizitha zawo ekubeni kungenjalo,” kusho uZikode, obephelezelwa yiqulu la Bahlali kwikhomishini ka-Adv Marumo Moerane.

ABAHLALI Basemijondolo beshaya ingoma ngaphandle kwamahhovisi kahulumeni eThekwini lapho kuhleli khona ikhomishini ephenya ngokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal

UZikode uthe kwayena uyasatshiswa wathi nehhovisi labo lashiswa ngo-2009 ngesikhathi lisekuKennedy Road.

“Kukhona abafuna ukusipenda ngokuthi singabantu abanodlame abahlale bakha itulo lokuketula i-ANC nohulumeni. Akulona iqiniso lokhu, thina sifuna abantu bathole uphahla,” kusho uZikode.

UMoerane ubuze uZikode ukuthi ngabe banawo yini umgomo othinta ukudla umhlaba ongenamuntu ngendluzula.

UZikode uthe abanawo umgomo ofuze lo kodwa bangena emhlabeni osuke ungenamuntu ngoba abantu bayazidinga izindawo.

Ubuye wakhala nangamaphoyisa kamasipala wathi ahlukumeza umphakathi ediliza imijondolo ngaphandle kwemvume.

Ubalule isehlakalo lapho kushone usana olunamasonto amabili luzelwe emijondolo yaseForeman Road, eSydenham, ngoMeyi nonyaka athi lwahilwa yisisi esikhalisa unyembezi lwashona kunombhikisho womphakathi.

Uthe abazona izilwane ngakho uma kuzodilizwa imijondolo kunemvume akumele bona bese behlukunyezwa.

Uqhube wathi baningi abanye abaholi bale nhlangano asebebulewe ngezinto ezithinta ipolitiki okubalwa kubo uMnuz Thembinkosi Qumbela, Nkululeko Gwala noNqobile Nzuza ona-15 ababulawa eCato Crest ngezimo ezehlukene ngo-2013.

“NgoLwesihlanu olwedlule iphoyisa eladubula uNqobile litholakale linecala, lizogwetshwa ngo-Okthoba. Wadutshulwa emhlane engenzanga lutho.

“UNkululeko wadutshulwa ngoba elwa nenkohlakalo ayeyidalula. Wayengumholi okhaliphile ehlonishwa kakhulu.

UMngomezulu wadutshulwa amahlandla ayisishagalombili esiswini ngo-2013 ngesikhathi kunombhikisho, ngenhlanhla yakhe wasinda, kumanje uphila kanzima ngoba uhamba nesigubhu,” kusho uZikode.