Isolezwe: Kusuke udlame kuboshwa abadayisi

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=3891311

June 19, 2007 Edition 1

PHILI MJOLI

KULIMALE amaphoyisa amane ngesikhathi itholene phezulu phakathi kwawo nabadayisi basemgwaqeni eThekwini izolo.

Laba badayisi bashaye la maphoyisa ngoba bethi sebekhathele ukusebenzela emuva bethenga izimpahla ngenhloso yokuzidayisa kodwa zigcine zithathwe ngabomthetho, ngoba kuthiwa badayisa ngaphandle kwemvume.

Okhulumela amaphoyisa, u-Insp Michael Read, uthe kulesi sigameko kulimele amaphoyisa amane, amathathu kuwo awombutho i-South African Police Services (SAPS) nelilodwa leMetro Police.

Uqhube wathi eleMetro Police lisesimweni esigculisayo kwesinye sezibhedlela eThekwini kanti amanye elashwe abuye adedelwa.

Amaphoyisa asebenzise amanzi nezinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza laba badayisi okugcine sekuphazamisa nabantu ebebezihambela.

Uthe amaphoyisa akwaMetro abesohlelweni lwawo lokubopha abadayisi abangekho emthethweni kanti azozithela kubadayisi ebebehlome ngezinduku nangezinye izikhali abavele bavulelela ngesibhaxu kuwo.

Okhulumela laba badayisi, uMnuz Jabulani Mfele, uthe ngokwazi kwakhe kunesivumelwano phakathi kwabo noMkhandlu sokuthi kuke kuthi ukuma kancane ukuthathwa kwezimpahla zabadayisi kuze kuphendulwe izikhalazo zabo abazihambisa eMkhandlwini ngenyanga edlule.

UMnuz Philip Sithole uthe asikho isivumelwano sokuthi abadayisa ngokungemthetho ngeke baboshwe abasenza.

“Kwabizwa umhlangano singakapheli sikhathi esasinqunyiwe kodwa bona ngalolo suku bakhetha ukubiza owabo ngosuku olufanayo. Ngaphezu kwalokho imenenja yoMkha-ndlu yababhalela incwadi iphendula izikhalo zabo ,” kusho uSithole.

UMfele uthi lo Mkhandlu wabiza umhlangano womphakathi awuzange ulandele imigomo efanele yokwazisa amakomiti ngalo mhlangano.

Kulesi sigameko kugcine kuboshwe abadayisi basemgwaqeni abangu-25 nokulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeMantshi yaseThekwini namhlanje.

U-Insp Read uthe laba abangu-25 babekwe amacala okususa udlame emphakathini.