Ubhacile umholi waBahlali baseMjondolo

Ubhacile umholi waBahlali baseMjondolo

 9 SEPTEMBER 2018, 4:45PM / KHETHA SANGWENI

USEKUBHACENI umengameli wenhlangano Abahlali baseMjondolo okuthiwa usephenduke inyamazane ehlala ibaleka ngenxa yokusongelwa Isithombe: Sibonelo Ngcobo

USEKUBHACENI umholi wenhlangano Abahlali baseMjondolo uMnuz Sbu Zikode okuthiwa uthola izinsongo ezishubile ezivela kubantu abathile, abasolwa ngokungahambisani nemibono yale nhlangano.

Encwadini ethunyelwe uNkk Sindi Mkhize-Zikode ozichaze ngokuthi uyinkosikazi kaZikode, kuvela ukuthi kwabona abasakwazi ukuxhumana naye.

Umbhali wale ncwadi ugagula abantu ngamagama ebasola ngokufuna ukusoconga umyeni wakhe ngenxa yokuthi ulwela abantu abahluphekayo.

“Asikwazi ngisho ukuxhumana naye ngoba usendaweni eyimfihlo. Mina ngisele nezingane ezingibuza imibuzo engaphenduleki mihla namalanga. Kade yaqala le ndaba ngoba umyeni wami useke waboshwa amaphoyisa (egagula isiteshi) amshaya kanzima kabi ebusuku,’’ kuchaza umbhali wencwadi.

Ufunge wagomela ukuthi labo abasabisa umyeni wakhe ngeke bayiqede le nhlangano kodwa esikhundleni salokho ikhula mihla namalanga.

Isolezwe Newspaper@IsolezweNews

USihlalo weBahlali BaseMjondolo, uMnuz Sbu Zikode, uthi basola ipolitiki ngokubulawa kukaMnuz Sfiso Ngcobo obewuSihlalo wale nhlangano eKukhanyeni eMarianhill eThekwini. UNgcobo udutshulwe ngoLwesibili ebusuku ngasemzini wakhe.

Ukhale nangokuthi kwayena ulala obenyoni nezingane ngoba abathembi lutho futhi abanaye umvikeli basele dengwane nezingane.

“Umyeni wami akone lutho. Isono sakhe ukulwela amalungelo abantu abahluphekayo nje kuphela.

“Wonke umuntu unelungelo lokuhlala endaweni ehloniphekile nethokomele ngaphandle kokwesatshiswa.”

Uqhube wathi kuke kwaba nesigameko lapho bahlaselwe khona emjondolo wabo osemgwaqweni uKennedy lapho abalisa thizeni bangena nezicabha bacekela phansi impahla yabo, kwaqondana nokuthi uZikode wayengekho esesihlotsheni, wasinda kanjalo.

Uthe akasafuni nokuyiphatha ke eyamalungu abo abulawayo mihla namalanga njengoba ethi bangcwaba bengcwabile.

Isolezwe