Isolezwe: Bakhala ngokunganakwa abadilizelwa imijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=3936221

UKHALA ngobuhlanga umphakathi wasemijondolo yaseKupholeni, eChatsworth ngaphandle kweTheku, owadilizelwa imijondolo yawo ngeledlule kulandela ukushiywa kwawo ngaphandle nguMkhandlu weTheku ngesikhathi unika umphakathi wamaNdiya amatende nawo owadilizelwa ngoLwesithathu.

USihlalo walo mphakathi, uMnuz Falakhe Mhlongo, uthe bona kuthiwa abalinde izithunywa zomkhandlu ezizofika kubo uma selukhulunyiwe lolu daba.

“Asitshelwanga ukuthi udaba lwethu luzokhulunywa nini kodwa kuthiwe asilinde. Kuyasixaka-ke lokhu ngoba nathi sadilizelwa njengabo. Kungani thina kuthiwe asilinde kodwa bona banikwe amatende okulindela ngoba nabo balindele isinqumo senkantolo esingaziwa ukuthi sizophuma nini?” kubuza uMhlongo.

Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Jayraj Singh, uyakuphika okushiwo yilo mphakathi uthi umphakathi wamaNdiya ukhulunyelwe ngabammeli bawo emkhandlwini.

“Abameli babo bafinyelele esivumelwaneni sokuthi umkhandlu ubanike amatende bahlale kuwo kuze kuphume isinqumo senkantolo,” kusho uSingh.

Incwadi yenkantolo yalo mphakathi wamaNdiya ithi umkhandlu akufanele udilize imijondolo engu-14 ekule ndawo kuze kuphume isinqumo senkantolo kodwa lo mphakathi bese uzakhele eminye imijondolo njengabo omakhelwane babo baseKupholeni.

Ngosizo lwezinhlangano ezizimele nawo umphakathi waseKupholeni unetende ohlala kulo elikhokhelwa u-R350 zonke izinsuku.

Kubukeka sengathi lezi zakhamizi seziphila ngosizo lwezihlangano ezingenzi nzuzo. Inhlangano iSouth African National Zakah Fund inikelele abantu balapha amaphasela okudla nezingubo zokulala.

UMxhumanisi wale nhlangano, uMnuz Shireen Moosa, uthe abazukugcina ngokunika lo mphakathi amaphasela okudla kodwa bazowusiza nangokufundisa amakhono athile ukuze ukwazi ukuziphilisa,” kusho uMoosa.

Lolu daba selungenelwe nayihhovisi loMvikeli woMphakathi. Okhulumela leli hhovisi, uMnuz Sibusiso Ngubane, uthe izikhalo zalo mphakathi bazoziphenya.