UMlaba uqamba amanga kwabanhlempu

UMlaba uqamba amanga kwabanhlempu
Monday – December 12, 2005 10:47 AM

EThekwini, KZN: Namhlanje uSobaba uObed Mlaba ubefanelwe to ukuhlangana nebamele Abahlali Base Mjondolo esakhiweni sasePemary Ridge eReservoir Hills. UMlaba wathunyelwa ngesikhahlamezi imibuzo ebekufanele ayiphendule kulomhlangano (bona kuAnnex 1). Abantu bakuzozonke izakhiwo eziyishumi nane ezingabalingani base Abahlali Base Mjondolo bebewulindele kabi lomhlangano. Kodwa ihovisi likaMlaba liwukhanselile lomhlangano (bona uAnnexe 2).

Akukona okokuqala ukuthi abaphathi bakaMasipala batshele abantu abanhlwempu baseThekwini ukuthi bayeza kodwa bababambise ophathe. Ngempela, imihlangano isikhanselwe izikhathi eziyisishagalolunye kulezizinyanga ezimbili ezedlule. Sekuphele iminyaka eyishumi yezithembiso ezaphuliwe nenkulumo engathi shu ngaphambi kwalokho. Zonke izakhiwo ezingamalunga base Abahlali Base Mjondolo zathenjiswa umhlaba cishe kufike eminyakeni eyishumi, kodwa akukho okubonakalayo kwezithembiso.

"Sesizilungele izingxoxo, kodwa uMlaba ulungele ukuqamba amanga", kusho uS'bu Zikode, usihlalo wase-Abahlali Base Mjondolo. Ebhekise lukemashi eyanqatshelwa ngokungemthetho uMphathi weTheku, uDr Mike Sutcliffe, uZikode uqhubeke wathi, Imashi yethu yanqatshelwa, manje nezingxoxo zethu zinqatshelwe. Kufanele siziphonse olwandle?"

UZikode ubona ukuthi lolukhetho oluzayo lukaMasipala ilona elenze uMlaba eziphathe ngalendlela. "Inhloso yabo ukuqhubeka kanje kuze kushaye mhlazizinye kuMashi."

Ukukhuluma kukaMlaba nabezindaba bekukhombisa ukuthi ukuphela kwezinkinga zalabo abahlala emjondolo sekuseduze, ngokumemezela ngesivumelwano (sabo) nabanikazi bomhlaba weTheku , uMoreland. "Uyakwabezindaba, akhulume ngezigidgidi zamarandi. Kodwa masebethumela izikhulu kithina sithola ukuthi ayikho into enjalo. UMlaba ufuna ukubukeka kahle emphakathini, kodwa uyehluleka ukumela amazwi akhe."

"Sesihlanangane izikhathi ezimbalwa nemsizi womphathi weTheku, fuhti sasinemibuzo ngesivumelwano neMoreland, ngezakhiwo zethu, nangeminye imihlaba esasingahamba siyohlala kuyo. Sasilindele ukuthi yonke imibuzo yethu ukuthi iphendulwe – nini, kanjani, ezingaki, isiphi isithembiso esingabanaso ukuthi bakhuluma iqiniso?"

Abahlali Base Mjondolo baxaxekile nguMasipala. "Singenzenjani ngoMlaba ukuhlonipha Abahlali nokuhlonipha amagama ache? Sesikulungele ukulalela, sesikuluingele ukwenza. Asindaba nokubuyela emgwaqeni futhi. Sesiyakhuthazeleka ukwenza lokho. Ngesikhathi esilandelayo lapho uMbeki efune ukwazi ngabantu abangaphandle abasenza simashe, kofanele abuze uMlaba. Akekho omunye ngaphandle kwakhe owenza sense lokho ngaphandle kwakhe. Kufanele azi ukuthi sifigqa imikhono yethu ukuphindela emgwaqeni. Ngoba yilona kuphela ulimi aluzwayo," kusho uZikode. "Sibiza uhulumeni wesifundazwe nowezwelonke ukungenelela ukusisiza kuMasipala ukuthi lemibuzo yabahlali iphendulwe."

Eqhubeka uZikode, "Wonke umuntu ubhekelele uKhisimuzi, lapho wonke umuntu usuke ebusa. Manje uMlaba wenze owethu uKhisimusi wabamuncu, kusobala, njengesijeziso. Ngicabanga ukuhti kungubuntu ukuhlonishwa, akufenele size sikucenge."

"Ziphi izinhlangano ezilwela amalungelo esintu, amakhonishani nezinhalngano ezingaphandle kukahulumeni ezizimele, ngenkathi uMlaba esebenzisa izimali zikahulumeni ukusicindezela? Bazosabela nini uma izigwili zibukisa ngabanhlwempu? Bangaki oMhlengi Khumalo okufanele bafe ngemililo yasemjondolo? Akulona iqiniso ukuthi kufanele sibolele emjondolo kanje. Kufanele sisukume."

Contact details

Mnikelo Ndabankulu, Foreman Road Development Committee, 073 565 6241
Lungisani Jama, Foreman Road Development Committee, 082 259 5443
Philani Dlamini, Foreman Road Development Committee, 072 962 9312
Fikile Nkosi, Pemary Ridge Development Committee, 084 250 1446
Moses Mncwango, Jadhu Place Development Committee, 076 225 0260
S'bu Zikode, Chair, Abahlali base Mjondolo, 083 547 0474