ABAHLALI BASE MJONDOLO BAFUNA IZINDLU!

NO LAND, NO HOUSE, NO VOTE!

IMASHI EYA-KUMEYA U-OBED MLABA
NGOMHLAKA 14 NOVEMBA 2005

ABAHLALA BASE MJONDOLO BAFUNA IZINDLU!

NINI: Ngehora lesikhombisa ekuseni ngosumbuluka zingu 14 November 2005 (7:00 a.m.)

KUPHI: Siyobuthana ku-Foreman Road bese siqhubekela e- Botha Park kuyilaphoke siyomasha emgwaqeni u West Street siphikelele e City Hall. Simashe.

ISIZATHU: Ukulwela umhlaba nezindlu, izidingonqangi njengamanzi ahlanzekile, ugesi, izindlu zangasese kanye nehholo lomphakathi. Sizophinde siphikisane nesenzo sokukhishwa kwezakhamizi ngendluzula ziyiswa ezabelweni umkhandlu wedolobha. Sizophinda simtshele u Mlaba ukuthi uma ungekho umhlaba edolobheni ngeke nathi sivote.

ABAGQUGQUZELI: I komidi elibizwa ngokuthi, iForeman Road Development Committee. Ulwazi oluningi lungatholakala ngokuxhumana no uMnu Mnikelo Ndabankulu (0735656241) kumbe Mnu. Lungisani Jama (0822595443).

ABAXHASI: Lemashi izobungazwa ozakwethu azakhiweni ezingu 16 abazinikele ekusixhaseni ezikhalweni zabahlali basezakhiweni, lapha sibala abahlali baku Annet Drive, Banana City, Burnwood Road, Jadhu Place, Juba Place, Kennedy Road, Lacey Road, New Castle, Palmiet Road, Pemary Ridge, Pridley Park, Quarry Road, Puntan's Hill, Shannon Drive, Sirpath Road and Umgudulu. Lemashi iphinde ixhaswe inhlangano yamatekisi ebizwa ngokuthi i Clare Estate Taxi Association ne Reservoir Hills Public Trans. Assoc.

UMzabalazo wabahlali 'basemijondolo

Ziningi izithembiso ezenziwe ngaphambili ezingafeziwe. Ezweni lonke lalapha e South Africa abahlali basemijondolo besemzabalwazweni bavimba imigwaqo bathi 'Sekwanele!' Sekube nemibhikisho engaphezu kuka 850 engekho emthethweni kulonyaka nje vo. Ethekwini namaphethelo ku Ward 23 no 25, izinkulungwane zabantu zimamashe zayothula izikhalo zazo ku Yacoob Baig no Jayraj Bachu zikhalazela ukuthi izidingo ngqangi zazo izibalula umhlaba, izindlu, kanye namanzi, ugesi kanye nezindlu zangasese zingashaywa indiva. Abahlali bebemashela izinhlelo zokubakhipha kulezizindawo ngendluzula ziyiswe ngaphandle kwetheku ziyiswe izindaweni ezisemakhaya njengaseVerulum. Abantu bezindaba bayakholelwa ekutheni laba bantu bayahlupheka ingakho besiwuxhasa umzabalazo wabahlali ngokuphelele.Eminye imiphakathi esenkingeni ikhombisa ukuzwelana nalemiphakathi.

Iningi lethu Ku-Foreman Road laqala ukuhlala lapha kusukela ngo- 1989. Ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya olwedlule uMlaba wasithembisa ukuthi uma i ANC iphumelela ukhetho umhlaba ophakathi kwethu namathuna aku Loon Road graveyard uyonoikezwa thina. Kepha manje umkhandlu weTheku usuyasiphula lesithembiso basilahlela e Park Gate kude nemisebenzi yethu, izikole, imitholampilo kanye neziteshi zamaphoyisa.

Ngeke siqhubeke nokuhlupheka kanje. Isikhathi sesifikile sokuthi "Kwanele!"siyafuna ukuthi izikhalo zethu zifezwe. Isikhathi sesifikile sokuthi simashele emahhovisini emeya. Kumele simtshele uMlaba ukuthi uma engasitholeli umhlaba , izindlu, kanye nezinye izidingonqangi ngeke sivote kulolukhetho lohulumeni base khaya eluzayo.

NGAPHANDLE KOMHLABA, NEZINDLU NGEKE SIVOTE!