Isolezwe: Ukhala ngokucwaswa

Ukhala ngokucwaswa

December 22, 2005 Edition 1

Slindokuhle Bhengu

Ukhala ngokucwaswa ngokobuzwe owesifazane othi sekuphele iminyaka emithathu “encishwa” indlu yomxhaso ngoba kuthiwa “uyiMpondo”.

UNksz Busisiwe Gule (32) waseLusikisiki eMpumalanga Kapa ngokuzalwa, uthi uselinde cishe iminyaka emithathu ukuthola indlu yakhe yomxhaso kodwa kunomholi wendawo oshaya phansi ngonyawo othi ngeke ayithole.

UNksz Gule uthi wabhalisela indlu yomxhaso njengabo bonke abantu ayehlala nabo emijondolo yaseJoe Slovo, eLamontvill, ngo-2002, kodwa kuze kube yimanje akayitholi yize iningi lomakhelwane bakhe ababhalisa ngemuva kwakhe sebazithola.

Uthi wathi uma eseyobuza eKhanseleni lendawo lamtshela ukuthi yena ngeke awuthole ngoba nguye owayengubhongoza ngenkathi kuhlelwa imashi ethi ikhansela aliwenzi umsebenzi walo.

“Ngangiyingxenye yale mashi ngoba sasibona ukwakhiwa kwezindlu kuhamba kancane. Ngiyathuka manje uma sekuphunywa nami iqhubu ekubeni abantu esasinabo bazithola izindlu,” kusho uNksz Gule.

Uthi lo mholi waze wakhipha amazwi acwasa ngokobuzwe wamtshela ukuthi ngeke asizakale ndawo ngalolu daba ngoba “uyiMpondo”.

Lo wesifazane uthi unezingane ezimbili ezisencane kanti uhlala nazo emjondolo futhi akasebenzi.

“Ngafika la eThekwini ngizofuna amatoho. Angisebenzi kanti noyise wezingane zami sewashona. Sengibekezele eside isikhathi ngibulawa amakhaza nezimvula. Ingane yami encane seyize yangenwa nayisifo sofuba kodwa alukho usizo engilutholayo,” kusho yena ehlengezela izinyembezi.

Uthi okumhlukumeza emoyeni ukuthi uyena owayephambili elwela ukuthi kutholakale izindlu zemixhaso kodwa uma seziphuma yena akasanikezwa.

“Ngathi uma ngiyobheka eMartin West ngathola ukuthi indlu yami yaphuma kodwa yanikezwa omunye umuntu. Manje sebefuna ukubhidliza nomjondolo engihlala kuwo ngoba umuntu ebengiqashe kuyena useyitholile indlu. Kuthiwa angishonephi nezingane?,” kubuza yena.

Ikhansela laseLamontville, uMnuz Khuzimpi Shezi, uyiphikisile indaba kaNksz Gule wathi konke lokhu akushoyo kungamanga.

“Uma kuwukuthi akayitholi indlu ngoba “eyiMpondo” laba abanye bazithole kanjani ngoba iningi labo bangamaXhosa?” kubuza uShezi.

UShezi uthe uNksz Gule akusiyena yedwa ongayitholanga indlu kodwa baningi abasalindile. Uthe akanalo ulwazi olugcwele olwabangela ukuthi yini uNksz Gule angayitholi indlu

“Mina angisebenzeli umuntu oyedwa, ngakho kufanele naye alinde njengabo bonke abantu abalinde izindlu zabo,” kusho uShezi.

Obhekelele ezezindlu ngaphansi koMkhandlu waseThekwini uKhansela uNigel Gumede, akatholakanga ukuphawula ngalolu daba nokuthi yini eyaholela ekutheni indlu eyayabelwe uNksz Gule inikwe omunye.