Ugesi, umhlaba, nezindlu ngabe kuyiphephisile impilo yakhe.

Ugesi, umhlaba, nezindlu ngabe kuyiphephisile impilo yakhe.

Ngolwesihlanu olwedlule okwabe kungu mhlaka 8 enyangeni ephezulu kwaba nenhlekelele enkulu ayabangelwa ukusha komlilo emijondolo ekuKennedy Road. Ingane yomfana enonyaka owodwa vo, u Mhlengi Khumalo washa kakhulu ngenxa yalomlilo. Lokhu kwaholela ekutheni ukufa kwemanele esibhedlela i King Edward, eThekwini namaphethelo. Imbangela yalomlilo kwabe kuyikhandlela elawa lase lidala elikhulu iqubula lomlilo kulendawo. Okumangazayo ukuthi kusukela enyakeni u 2001 iziphathimandla zikamasipala bezisaqhubeka zixhuma ugesi kulemijondolo. Okuthusayo ke njengamanje ukuthi iziphathi mandla zika Metro eThekwini seziveze ukuthi kunomthetho omusha ongasakuvumeli ukufakwa kumbe ukuxhunywa kegesi emijondolo.

Kucaca ngokusobala ukuthi lesisenzo seziphathimandla zikaMetro sisophe ukuphoqa abahlali bakulemijondolo ukuthi basuke kulendawo baye endaweni engaphandle netheku eqokwe Metro ngaphandle kwesivumelwano esinqala nabahlali. Kuwo lomgwaqo u Kennedy Road u Metro uvele wama ukukhuculula izindlu zangasese ezithwala indle ezinga 147, okuphoqelele umphakathi wabantu abawu 6000 ukuthi basebenzise izindlu zangasese eziyisithupha (6). Emva kokhukhulelangoqo wemibhikisho emibili izakhamizi zakulendawo iziphathamandla ziphoqelekile ukuthi zizihlanze lezizindlu zangasese. Sikhulu nje manje ziyahlanzwa. Okushaqisa kakhulu ukuthi emgwaqeni u Quarry Road izindlu zangasese ezithwalekayo zasuswa okwenza ukuthi abantu bakulendawo bangabi nezindawo zangasese.

Kunenkolelo enkulu yokuthi imbangela enkulu yalemililo kulemiphakathi idalwa isenzo seziphathi mandla sokuyeka ukufaka ogesi kulemiphakathi. Ngabe abantu abazithole bedengwane njengoba sibabona namhlanje. Ngabe ingane umhlengi ayifanga ngenxa yomlilo odalwe ikhandlela. Kuliqiniso elingephikwe ukuthi lemililo eshisa lemijondolo ingaphela uma ngabe abantu bengakhelwa izindlu ezisezingeni kanye nezidingo nqangi ezidingwa yiyo yonke imiphakathi yaleli lizwe.