Isolezwe: Ushe wangqongqa nomjondolo eMlazi

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4054073

September 27, 2007 Edition 1

S’CELO KHUZWAYO

Zilokhu ziqhubeke njalo izigameko zokusha kwabantu nemijondolo eThekwini.

Izolo ekuseni isalukazi sishe sangqongqa esigcemeni sakwa-J eMlazi, eningizimu neTheku.

UNkk Hlaleleni Msomi (64) ushe wangqongqa nomjondolo wakhe ngemuva kokuthi ikhandlela ebelivutha lithungele umlilo kumabonakude kwathungeleka yonke impahla ebisendlini.

Indodakazi yakhe, uNksz Nokubonga Msomi, ithe ngesikhathi liphela ikhandlela kokheleke umabonakude. Ithe ngemuva kokubona ukuthi kuyasha izamile ukukhiphela umabonakude emnyango.

“Ngibe sengikhipha ingane yami, ngathi ngiyazama ukumkhipha umama wazabalaza wathi uhilwa yintuthu,” kusho yena.

Uqhube wathi ngesikhathi esehlaba umkhosi uthole ukuthi umlilo usuvutha ubuhanguhangu.

UNkk Msomi ushonele endaweni yesehlakalo. Yonke impahla ebisendlini ishe yawumlotha. Ayikho eminye imijondolo echaphazelekile.

Ngesikhathi Isolezwe lifika kulo muzi izolo isimo besibonakala ukuthi sinzima kanti nomakhelwane bebekhombisa ukuzwelana nabakwaMsomi.

Amalungu omndeni akhombise leli phephandaba izicubu zezandla nezinyawo ezisale ngesikhathi abatakuli bethatha isidumbu sikaNkk Msomi. Bekulindeleke ukuthi abatakuli babuye bezolanda lezi zicubu.

“Asazi ukuthi sizokwenzenjani ngoba umama nguye obesondla (ngemali yempesheni),” kusho uNksz Msomi.

Okhulumela amaphoyisa aseMlazi, uConstable Lungi Jama, uthe umlilo uqale ngezikhathi zabo-5 ekuseni kanti amaphoyisa asesungule uphenyo oluzodweba isithombe esicacile ngembangela yalesi sigameko.