Isolezwe: Inhlangano yabantu basemijondolo ihlele imash

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4055645

Inhlangano yabantu abahlala emijondolo, Abahlali Basemjondolo, ihlele ukhukhulelangoqo wemashi ebheke emahhovisi kamasipala weTheku namuhla ngenxa yabakubiza ngokuthathelwa phansi kwezidingo zabo, okuhlanganisa udaba lwezindlu.

September 28, 2007

Le nhlangano ikhala nangokuthi njalo uma ifuna ukuhlala phansi ixoxisane nezikhulu zomkhandlu ziyibambisa udonga zilokhu ziyithembisa ukuthi ziyeza.

Ithi yingakho isikhethe ukuthi kumashwe ukuze abalandeli bayo bakwazi ukudlulisa ilaka labo.

Le mashi ihlelelwe ukuthi iphelele eSpringfield Park emahhovisi ekhansela lakule ndawo, uMnuz Yacoob Baig, njengoba bezobe besuka emijondolo yaseKennedy Road ngenhloso yokuthi badlulise incwadi enohla lwezikhalo zabo.
Esitatimendeni sale nhlangano ithe okubakhalisa kakhulu yilo mthetho omusha ovimbela ukwakhiwa kwemijondolo emisha noma ukuyivuselela uma kade idiliziwe, i-KZN Elimination and Prevention of Re-Emergence of Slums Bill.

“Izikhulu zalo Mkhandlu zenza sengathi asibona abantu futhi abafuni nokusakhela izindlu.

Yingakho sizobe simasha ngaphansi kwesiqubulo esithi Land and Housing in the City,” kusho isitatimende.