Zizodla uR 10bn izindlu?

http://www.durban.gov.za/eThekwini/Services/services_news/ziz

Zizodla uR 10bn izindlu

28 November, 2005

Click here for English version

By Siyabonga Maphumulo

I-Theku lithathe igxathu elinqala ekwakhiweni kwemphakathi ehlangene ngempela kuleli dolobha. UMkhandlu wedolobha usanda kudalula uhlelo lokwakha imizi ebiza kancane endaweni ephakathi kweMount Edgecombe nePhoenix.

Loku kuzosondeza abantu abasebenzayo eduze nezindawo abasebenza kuzo ngaseGateway, kanjalo kubasondeze nezimboni ezisazokwakhiwa enyakatho neTheku. Kuzophinde kusho ukuthi abantu abebehlala kwezinye izindawo sebezosondela endaweni yaseMhlanga ethathwa ikakhulukazi njengeyabamhlophe abango macaphunakusale. Ngaphansi kwesigaba sokuqala sePhoenix East Integrated Housing Development, kuzokwakhiwa cishe imizi ezohlala imindeni engu 20 000

.

Le projekthi ihlelelwe imali engango R10 billion. Intuthuko ehlongozwayo ihambisana nesimemezelo sika- Ngqongqoshe weZindlu kuzwelonke uLindiwe Sisulu sokuthi kumele kwakhiwe imphakathi exube zonke izinhlanga. Abantu abahola ngaphansi kuka R1 500 bangena ngaphansi kohlelo lwemizi yamahhala ebiza uR50 000, kanti labo abahola uR1 500 nangaphezulu bangathenga imizi ebiza uR80 000 kuyaphezulu.

UMeya Obed Mlaba wathi lentuthuko ngeke igcine nje "ngokulungisa ukuhlala ngokuhlukana kwezinhlanga kepha iyodala namathuba emsebenzi". Eqhuba wathi le projekthi ihambisana namaprojekthi amasha afana neKing Shaka Airport neSibaya Casino. "Amathuba okuqashwa kwabantu akalingani ngoba izimboni eziningi ziseningizimu nedolobha kodwa abantu abaningi bahlala enyakatho nedolobha," kusho uXimba. Kodwa ikhansela le-DA uLynn Ploos van Amstel wexwayisa ngokuthi kungenzeka "kusuke omkhulu umsindo" ngoba akubanga khona ukuxhumana ngokwanele.

Umhlaba ongu 1 200ha obekelwe iprojekthi- nothengwe enkampanini engaphansi kweTongaat Hulett iMoreland -uzosetshenziselwa ukwakha imizi ehlukaniswe kabili, eyizitezi ezimbili kanye neyizitezi ezintathu ukuphakama kanye nemtholampilo nezikole.

Ukuxutshwa kwabantu

IMeya ithi ukuxutshwa kwemizi ebiza kancane naleyo ethe ukubiza kuyoqinisekisa ukuthi abadla elikapondwe nabahola kancane bahlala ndawonye. Wazichitha izikhalo zokuthi hleze lokhu kubenomthelela omubi entengweni yezakhiwo endaweni yaseMhlanga. Isigaba sokuqala seprojekthi kulindeleke ukuthi siphele ngasemaphethelweni onyaka ozayo.

Usihlalo weKomiti Lengqalasizinda uS'bu Gumede, wafanisa iprojekthi nezwe lesethembiso elisebhayibhelini iKhanana. "Sithi kubantu abahlala emijondolo selifikile izwe lesethembiso," kusho okaYeyeye emamatheka.