Isolezwe: Ungasivikela emlilweni ugesi: izakhamizi

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4260445

Ningizimu Afrika
Ungasivikela emlilweni ugesi: izakhamizi
Isolezwe
February 18, 2008 Edition 1

PHILI MJOLI

IZAKHAMIZI zasemijondolo yaseThekwini zithi umlilo odlula nemiphefumulo, nezimpahla zazo unganqandeka uma zingafakelwa ugesi emizini yazo njengazo zonke izakhamizi zaleli.

Lokhu kushiwo nguMengameli wenhlangano yabahlala emjondolo kuleli dolobha, Abahlali baseMjondolo, uMnuz Sbu Zikode, ngemuva kokusha kwemijondolo engu-45 ekuKennedy Road, okushiye inqwaba ingenayo imipheme yokufihla amakhanda.

UZikode uthe ngoLwesihlanu kufike abasebenzi boMkhandlu weTheku banqamula ugesi kuzo zonke izakhamizi zasemijondolo ekuKennedy Road.

“Akekho owasitshela ukuthi ugesi unqanyulelwani futhi kwakubonakala ukuthi uma uke wazama ukubavimba uzobhekana nenhlamvu noma ulinyazwe yizinja, njengoba amaphoyisa nonogada abahlomile babephelezela leli thimba,” kuchaza uZikode.

Entathakusa yayizolo, uNksz Zandile Ngidi, wakule ndawo uvuswe wukukhanya obekuqhamuka kwamakhelwane wakhe.

“Ngesikhathi ngivula isicabha ngihlangatshezwe yikloba lomlilo ebese liqale ukokheleka nasendlini yami. Ngihlabe umkhosi, ngeshwa amanzi abephuma kancane empompini angangakwazi ukunqanda umlilo ngawo,” kusho yena.

Uthe ngesikhathi kufika izicishamlilo indlu yakhe ibivele isingumlotha.