Zisale dengwane iziqashi kwabiwa izindlu

Zisale dengwane iziqashi kwabiwa izindlu

November 27, 2006 Edition 1
http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=3564174

PHILI MJOLI

Zishiywe esigangeni iziqashi zasemijondolo yaseJuba Place ngaseResevior Hills, eThekwini, ngesikhathi omasitende bazo benikwa imixhaso asebezohlala kuyo eNazareth ngasePinetown.

Lezi ziqashi zithi ngesikhathi kusakhulunywa indaba yokwakhiwa kwezindlu zomxhaso nazo zanikwa ithuba zaze zanikwa nezinombolo okuthe uma sekubizwa amagama awazo angabe esavela.

UMnuz Sibusiso Dlamini uthe impelasonto yonke bebehleli epaki ngenxa yokuthi imijondolo abebehlala kuyo idilizwe ngonogada bomkhandlu bethi bathunywe yikhansela ngoba kuthiwa abebehlala kuyo sebethole izindlu.

“Asazi ukuthi sizokwenzenjani, onogada badilize imijondolo yethu ezinye zezimpahla nokudla kwavaleleka lapho, kwavalwa amanzi namathoyilethi. Asazi ukuthi sizokwenzenjani. Akukho lapho singaya khona ngoba iningi lethu lineminyaka engaphezu kweyishumi lihlala kule mijondolo,” kusho uDlamini.

Uthe ikomiti nekhansela le ndawo alisafuni ngisho ukuzokhuluma nabo ngalolu daba, uthe uma belithintha liye lithi liyeza lisendleleni, kodwa lingafiki.

“Onogada laba abathunyelwayo sebesinqumele ugwayi katiki basitshela ukuthi njengoba sihleli epaki nje namhlanje abasasidingi, asazi sizoshonaphi,” kushu uDlamini.

Okhulumela abahlali basemjondolo, uMnuz Mnikelo Ndabankulu, uthe konke lokhu kukhombisa ukungagqizwa qakala kwabantu abahlala emijondolo.

“Amakhansela asuke azi ukuthi bangaki abantu abahlala kuleyo ndawo, kodwa anqume ukwakha izindlu ezincane, kanti kufanele uze ube nomjondolo ukuze ube nendlu. NgoLwesithathu siyomangalela uMkhandlu ngalesi senzo,” kusho uNdabankulu.

Ikhansela, uMnuz Jayraj Bachu, akalubambanga ucingo lwakhe nemiyalezo ayithunyelelwe yileli phephandaba akayiphendulanga.

USihlalo wezeziNdlu kumasipala weTheku, uMnuz Nigel Gumede uthe umkhandlu usebenza ngemijondolo enezinombolo. “Uma umasitende enemijondolo eminingi aqashisa ngayo iziqashi ziwutaku lwakhe. Thina sithatha ngokuthi bawumndeni”.