Bakhononda ngokuhlala esigageni abahlali basemjondolo

Bakhononda ngokuhlala esigageni abahlali basemjondolo

November 17, 2006 Edition 1
http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=3544355

PHILI MJOLI

Lihlehlile icala elifakwe ngabahlali basemjondolo yaseCrossmor, eChatsworth, eThekwini, abamangalele uMkhandlu weTheku ngokubadilizela imijondolo yabo uthi abanamvume yokwakha.

INkantolo eNkulu yaseThekwini ilihlehlisele uNovemba 30 leli cala, kanti kusaqhutshekwa nophenyo. Kuthiwa abameli balo mkhandlu bathi abakakulungeli ukuthethwa kwalo.

Ngokwemibandela yaleli cala imindeni engaphezulu kuka-300 eyadilizelwa izindlu isazoqhubeka nokulala kopulastiki ngoba abavumelekile ukuthi baqale ukwakha singakaphumi isinqumo senkantolo.

Okhulumela laba bahlali, uMnuz Falakhe Mhlongo, uthe ukuhlehla kwaleli cala kuyabathukuthelisa ngoba banethwa yizimvula bashiswa nayilanga esigangeni.

“Besinethemba lokuthi lizongena icala kube nempikiswano phakathi kwabameli bomkhandlu nabethu kodwa siyadumala uma kuthiwa abameli abakakulungeli ukuqulwa kwecala. Thina sihlala esigangeni, njengoba kade linetha izulu besimbethe amapulasitiki kuso,” kusho uMhlongo.

Lo mphakathi ozibiza ngeCrossmoor Community Development, uthi bakha le mijondolo ngemvume yekhansela lendawo ngonyaka odlule.

“Ikhansela lasethembisa izindlu zemixhaso, sisalindile sacela ukukwakha imijondolo lasivumela lathi uma sekwakhiwa izindlu iyodilizwa kodwa kulo nyaka sibone sekufika onogada bazithela phansi bathi bathunywe umkhandlu,” kusho uMhlongo.