Isolezwe: Umunyu kuthunwa abahlanu abafa ngomlilo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4552960

Umunyu kuthunwa abahlanu abafa ngomlilo

August 11, 2008 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

BEKUWUSIZI lodwa ehholo lase-Cato Crest, eThekwini ngoMgqibelo, enkonzweni yokufihla amalungu amahlanu omndeni wakwaMaqhasha owabhubha ngesonto eledlule ngesikhathi umlilo ungqongqisa umjondolo wabo.

Kulesi sehlakalo kwaphinde kwashona owesifazane kanye nengane yakhe ababevakashile.

Amalungu omndeni wakwaMaqhasha ashona kubalwa uLuvuyo (14), uNoluthando (9), uMfundo (24), uPhezile (20) obenezinyanga eziyisishiyagalombili ekhulelwe noSphelele (2) nababevakashile uZo Dlamini (31) nengane yakhe enezinyanga eziyisikhombisa.

Ikhansela lendawo, uNkk Gloria Borman uthe indawo yaseCato Crest ijwayele ukuba nemililo kodwa kuyaqala ukuthi kuphume imiphefumulo eminingi kangaka ngesikhathi esisodwa.

“Inkinga enkulu esinayo wukuthi imijondolo isondelene kakhulu lokhu okwenza ukuthi kube nzima ukufinyelelisa usizo lapho ludingeka khona,” kusho uGloria.

Uthe inselelo ebhekene nohulumeni ukuqeda imijondolo ukuze abantu bahlale ezindlini ezinamanzi kanye nogesi.

“Njengekhansela nginomsebenzi wokuthi ngenze ngcono izimpilo zabantu. Sesiqalile ukwakha izindlu kodwa sekuyabonakala ukuthi kunesidingo sokuthi lolu hlelo lusheshiswe ukuze le ndawo ibe ngephephile kubo bonke abahlala kuyo,” kuchaza uGloria.

USomlomo eMkhandlwini weTheku, uMnuz James Nxumalo udlulise amazwi enduduzo emndenini.

“Thina njengohulumeni sizibophezele ekusebenzeleni abantu. Akekho umuntu okufanele kubonakale ubumpofu bakhe noma sekwenzeke into efana nale sibe sikhona,” kusho uNxumalo.

UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi nezeNhlalakahle uthwale zonke izindleko zomngcwabo wabashonile.

UNgqongqoshe woMnyango, uMnuz Meshack Hadebe, uthe abezile emngcwabeni ukuzokhankasela ukhetho kodwa bazokwenza umsebenzi wabo wokunakekela abantu.

“Ngiyazi ukuthi kukhona abazongibuza ukuthi kudle malini ukusingatha lo mngwabo kodwa bangabuzi ukuthi ngizokwenzenjani ngamalungu omndeni asele. Ngeke size siyeke abantu bakithi badliwe yizinja ngoba sesaba ukuthi kuzothiwa simosa imali,” kusho uHadebe.

Okhulumela umndeni, uNksz Nokulunga Maqhasha ubonge bonke ababasingathile kulesi sikhathi.

“Into efana nale ungathi ingephinde yenzeke,” kusho uNokulunga.

USihlalo we-ANC esifundeni seTheku, uMnuz John Mchunu unxuse umphakathi ukuthi ubambisane nohulumeni uma kulethwa uhlelo lwezindlu.

“Siyacela ukuthi uma kufika isikhathi sokuthi kunikezelwe izindlu, abantu bathambise izinhliziyo bathathe izindlu lapho zisuke zakhiwe khona bangenqabi ukusuka ezindaweni zabo ngoba kusuke kubhekelelwa bona,” kuchaza uMchunu.