Skip to content
22 August 2008

Isolezwe: Kufe umfundi kubhikishwa enyuvesi

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4571398

Kufe umfundi kubhikishwa enyuvesi

August 22, 2008 Edition 1

Sihle Mkhize

UPHELE sekumuncu umbhikisho wabafundi base-University of South Africa (Unisa) ophikweni lwayo lwaseThekwini ngesikhathi kushona umfundi oneminyaka engu-22 ubudala okusolakala ukuthi uhluleke ukuphefumula ngemuva kokuhilwa yisisi esikhipha unyembezi esiqhunyiswe ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuhlakaza isixuku.

Lo mfundi ochazwe njengoMncedisi Noconjo ubenza unyaka wesine ezifundweni zomthetho.

Kulo mbhikisho, oqale ekuseni kule nyuvesi esemgwaqeni u-KE Masinga (Old Fort), kuphinde kwaboshwa abafundi abangu-15 ngamacala okudala udlame esidlangalaleni nokulimaza impahla.

Okhulumela amaphoyisa, u-Inspector Michael Read, uthe umfundi oshonile uqulekile ngesikhathi abafundi bebaleka, wathathwa nge-ambulensi ephuthunyiswa esibhedlela, washonela endleleni. URead uthe kusaphenywa ngembangela yokufa kwakhe.

Balinganiselwa ku-200 abafundi abebebhikisha bekhala ngezinguquko ezenziwe bengaziswanga ngendlela kule nyuvesi.

Lezi zinguquko zihlanganisa esokuthi kumele labo abazobhalisa kuyo basebenzise i-internet njengoba lungeke lusasetshenziswa uhlelo oludala lokuthi bashaye ujenga babhaliswe ngomabhalane.

USihlalo wenhlangano emele abafundi kwi-Young Communist League, uMnuz Vusi Khomo, uthe baziswe ngalezi zinguquko ngeposi kanti abanye abafundi abazitholanga kwazincwadi lezo.

“Abafundi abaqhamuka emakhaya bazobhekana nenkinga ngoba ezikoleni abafunda kuzo akukho ngisho amakhompyutha,” kusho uKhomo.

Bathi babona ukuthi belulungile uhlelo oludala futhi lusebenza kahle. Okunye abakhala ngakho wukuthi sebezothola ama-CD aqukethe uhla lwezincwadi okuzodingeka bazithenge.

“La ma-CD avulwa ngekhompyutha. Abangenawo amakhophyutha bazowavula kuphi ngoba kuzodingeka bakhiphe imali uma beyowavula kuma-internet cafĂ©,” kubuza uKhomo.

Umqondisi walesi sikhungo, uMnuz Magnet Ntombela, uthe akanawo amandla okuthi avimbe lolu hlelo oluphakanyiswa yi-Unisa kuzwelonke lungasebenzi ezikhungweni zale nyuvesi eziseThekwini.

Uthe ngoLwesihlanu bathola uhlu lwezikhalazo luvela kubafundi lubazisa ngokungeneliseki ngezinguquko kodwa bangacacisa ukuthi bazobhikisha.