Isolezwe: Kufe ababili kuhlasele imililo eKZN

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4587905

Kufe ababili kuhlasele imililo eKZN

September 01, 2008 Edition 1

GCWALISILE KHANYILE noSIHLE MKHIZE

ZIPHENDUKE isihogo izimpilo zemindeni eyehlukene yaKwaZulu-Natal kulandela ukuhlasela kwemililo edlule nemiphefumulo yabaganene baseNkandla ngempelasonto, yashiya nenqwaba yemindeni ingenalo uphahla lokukhoselisa amakhanda.

Izindawo ezihlaselwe yilo mlilo yihostela eliseDalton, eThekwini, lapho kusale dengwane abantu abalinganiselwa ku-30, eRichmond kwasha imizi ebalelwa ku-15 , kwathi eminye engaphezu kuka-40 yasha esigodini sasobhuqwini naseMandaba eNkandla.

Kukhona nemibiko yemizi eshe eShowe, eBergville, kanti imijondolo eseSeacow Lake nekuKennedy Road ishe yashiya abantu abalinganiselwa ku-200 bencela izithupha.

UDirector Phindile Radebe okhulumela amaphoyisa eKZN, uthe esigodini saseMadesheni, eNkandla, kushone owesilisa (85) nonkosikazi wakhe (58), kanti ngesikhathi sokuloba imininingwane yabo ibingakacaci, kanjalo nesibalo sabantu ababulawe wumlilo eKZN.

Okhulumela abosizo lokuqala bakwa-ER24, uMnuz Derrick Banks, uthe kulezi zigameko zomlilo ezisabaliwe akushonanga muntu.

Izakhamizi zakuKennedy Road zikholwa wukuthi umlilo udalwe yikhandlela lakamakhelwane alale nalo livutha laze lathungela netafula abekade elibeke kulo.

UNksz Delisile Gwala (38) uthe uvuswe wubumayemaye bukamakhelwane wakhe, wathi uma eyobheka wathola ukuthi nowakhe umjondolo usuthungelekile.

“Sizamile ukukhipha izimpahla nomyeni wami kodwa eziningi zisale phakathi njengoba bese kuvele kugqabuka amalangabi yonke indawo,” kusho uNksz Gwala.

USekela Sihlalo wakule ndawo, uMnuz Muzi Mdlalose, uthe njengamanje basalinde usizo oluvela kumasipala wendawo.

Lesi sigameko sokusha sekungesesikhombisa kule ndawo selokhu unyaka uqalile.

NaseSeacow Lake kusale dengwane amanye amakhulu abahlali basemjondolo ngesikhathi ingqongqiswa wumlilo ngempelasonto.

Okhulumela abakwa-ER24 uDerrick Banks uthe ngesikhathi kufika abosizo lokuqala, izicishamlilo bese zivele zizama konke okusemandlelni ukunqanda umlilo.

“Akulimalanga muntu kulesi sigameko kanti abantu bese behleli ngasemgwaqeni nezimpahla zabo,” kusho uBanks.

Esigamekweni saseDalton, okusolakala ukuthi sibangwe yizintambo zikagesi, abantu bakhona badlubulendele baphuma ngezingubo zangaphansi kuphela, kanti bashelwe wukudla, izingubo zokugqoka, izitifiketi, omazisi nemali engukheshi.

Omunye wabasinde kunzima, uMnuz Hloniphani Sikhakhane, uthe ubegeza elungiselela ukuya emsebenzini ngesikhathi kwenzeka lokhu.

“Ngisale nethawula ebengilibhincile kanti angibange ngisakwazi nokuya emsebenzini,” usho kanje.

UMnuz Mthembiseni Thusi oyinduna kuleli hostela uthe okwamanje abantu bazokhoseliswa etendeni ngesikhathi kusalungiswa.

UMnuz Nigel Gumede wezezindlu kumasipala weTheku uthe bazotholela abakhahlamezekile izindawo zokufihla ikhanda, babanike izingubo zokulala nokudla.

“Isithanda ukusinqinda amandla indaba yokusha njalo kwezakhiwo nemijondolo njengoba kuthi njalo uma ishile kudingeke sithenge izinto zokuyivusa,” kusho uGumede.

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi eKZN, uMnuz Mandla Ngema, uthe lo mnyango uzothwala izindleko ezidalwe wumonakalo njengoba ziningi kakhulu izigameko zokusha ezibikiwe esifundazweni ngempelasonto.

“UMnyango uzonikela ngegilosa, izingubo zokulala, abantu bathole nokwelulekwa ngokomqondo,” kusho uNgema.