Isolezwe: Ugandaganda ususe umsindo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4612881

Ugandaganda ususe umsindo

September 16, 2008 Edition 1

BAWINILE BGCOBO

KUTHE abalidle balifele ikhansela abantu abahlala emijondolo yaku-Foreman, eThekwini, izolo befuna ukwazi ukuthi uzofika nini ugandaganda ozokhuculula ukuze bakwazi ukwakha kabusha izindlu zabo ezishe ngempelasonto.

Bekulindeleke ukuthi kufike uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uDkt Meshack Radebe, ezokhuluma nabantu balapha kodwa wangaphumelela.

Abantu bebekhala ngokuthi bathenjiswe ukuthi kuzokhucululwa lapho kushe khona imijondolo bese beyakha kodwa kuze kwashaya uMsombuluko emini ungakafiki ugandaganda.

Uma ufika kule ndawo abanye abantu bese beqalile beshayela amapulangwe bevuselela imijondolo yabo, yize kuthiwe kabalinde.

UNksz Zonke Busuku uthe kabalwisani nabaphathi babo kodwa lokhu kuyabacasula ngoba izimpilo zabo zimile njengoba bengakwazi ukwakha futhi ungafiki nogandaganda ozolungisa.

Ingaphezu kwenkulungwane imijondolo ebhujiswe ngumlilo entathakusa ngoMgqibelo kule ndawo, kwashona umuntu oyedwa.

Ikhansela, uMnuz Yacoob Baig, uthe abantu bazonikezwa amapulangwe ukuze bavuselele imijondolo yabo kuthi labo abangenabo abantu abazobasiza ngokwakha, batholelwe abakhi.

Kusize usihlalo wabahlali bakule ndawo, uNksz Patricia Mjoli, ukuze behlise umoya. UNksz Mjoli osehlale iminyaka engu-17 kule ndawo unxuse amalungu omphakathi ukuthi ababambisane nabaphathi ukuze kusheshe kulunge izinto. Uthe kukhona abantu abangogombela kwesabo njengoba bethatha ukudla ngakubili, abanye abantu bagcine bengatholanga lutho.

UMnuz Asavela Tshayimpunzi, oshonelwe ngumfowabo uThembelani Khweshube (30) kulo mlilo uthe sebebhekene nenkinga yokuthi bahambise isidumbu eMpumalanga Kapa lapho bedabuka khona. “Sasifike lapha sizofuna umsebenzi. lo mfana oshonile akasenabo abazali kanti nomalume bakhe basebenza into engacacile, asazi ukuthi sizokwenzenjani,” usho kanje.

URadebe uthe bazosiza umndeni olahlekelwe yilungu lawo ngezindleko zomngcwabo. “Nginxusa abantu ukuthi baqikelele ukuthi bayawacisha amakhandlela, nalabo ababhemayo bangalahli izinqamu zivutha ngoba zizodala umlilo,” usho kanje.

Ikhansela laku-Ward 41, uMnuz Linda Xaba, uthe uxakekile esezwa kuthiwa kukhona abantu abangene kulezi zindlu ngoba wazi ukuthi bekuzongena laba bantu abangu-60 abazosuswa ezindaweni zabo ngenxa yokwakhiwa komgwaqo.