Isolezwe: Babhikishile abadilizelwe imijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4675234

Babhikishile abadilizelwe imijondolo

October 23, 2008 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

BANCAMELE ukulova emsebenzini izolo abantu abaqashile emijondolo yase-Bottle Brush eMoorton, eChatsworth, bagcwala umgwaqo babhikisha bekhala ngokuba ngumtshingo ubethwa ngubani njengoba kudilizwa imijondolo abaqashe kuyo.

Lo mphakathi obungaphezu kwenkulungwane uhlanganele ehholo lendawo ufuna abaholi bophiko lwezindlu kuMasipala weTheku ukuthi bazothatha uhla lwezikhalo zabo.

Bakhala ngokuthi njengoba kunohlelo lokwakhiwa kwezindlu okuqhubekayo kule ndawo, omasitende – okungabanikazi bemijondolo abaqashe kuyo – bayabakhipha kulezi zindlu ukuze zidilizwe ngoba bazokwakhelwa izindlu zomxhaso.

Lo mphakathi uthi nawo bafuna ukubhekelelwa ngoba awazi uzoshona kuphi uma udilizelwa izindlu ofihla kuzo amakhanda.

Okhulumela lo mphakathi, uMnuz Falakhe Mhlongo, uthe sebeneminyaka engaphezulu kweyishumi bafika kule ndawo.

Uthe yize abantu abaningi bephuma esifundazweni sase-Mpumalanga Kapa, bafika ngomsebenzi bazithatha njengezakhamizi zakule ndawo ngoba uma bevota bavotela abaholi bakule ndawo, abaphindeli emakhaya beyovota.

“Singabavotela kanjani abantu okuthi uma sekufike intuthuko bese besikhiphela ngaphandle. Uma kuvotwa bafika bezosinxenxa ehholo basithembise izulu nomhlaba kodwa uma sesinezinkinga akusaqhamuki muntu,” kusho uMhlongo.

Uthe bafuna ukuthi kuhlakazwe ikomidi lomphakathi ukuze kukhethwe elisha ngoba balisola ngokudayisa izindlu.

Omunye wasebedilizelwe, uNksz Thobile Nogwina (31), uthe kuyimanje uhamba ecupha komakhelwane ngoba akasenandawo. “Izimpahla zami ngizibeke komakhelwane abahlukene ngoba angazi ngizoshonaphi,” usho kanje.

Laba bantu banikezele ngohla lwezikhalo zabo emakhanseleni akule ndawo, bawacela ukuthi aludlulisele eMnyangweni weZezindlu ngoba bafuna ukuthi abaholi balo Mnyango bafike bezoxoxisana nabo ukuthi le nkinga izoxazululwa kanjani.

Baphinde babhala incwadi esayinwe yikhansela le-ANC nele-Minority Front ebibeka umbandela wokuthi akekho umuntu ozodilizelwa umjondolo bengakafiki abaholi ukuzoxoxisana nabo. Le ncwadi inikwe bonke abebekulo mbhikisho ukuze makufika ugandaganda ibe ubufakazi bokuthi abangadilizelwa.

Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Jayraj Singh, uthe njengoba kunohlelo oluqhubekayo lokwakhiwa kwezindlu, abantu abangu-946 kuphela abazohlomula kulo futhi yilabo abangomasitende.

“Inkinga isuke ngoba sekudilizwa izindlu kanti ziqashisile, abaqashile abasazi bazoshonaphi,” usho kanje. Uthe bazodlulisela uhla lwezikhalo zomphakathi kubaphathi bophiko lwezindlu kumasipala ukuze kuhlelwe umhlangano oyisipesheli wokubheka ukuthi luzoxazululwa kanjani lolu daba.