Isolezwe: Bale baphetha ukusuka emijondolo yabo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4873678

Bale baphetha ukusuka emijondolo yabo

March 05, 2009 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

BAGCWALE umgwaqo bavimba amaloli abezobathuthela izimpahla abantu basemijondolo yase-Clare Estate edume ngokuthi ikwa-L ngoba bethi abafuni ukuyohlala ezindlini ezingamathini eziseChatsworth abebezolinda kuzo izindlu zabo zomxhaso.

Laba bantu bakhala ngekhansela le ndawo abathi alifuni ukubalalela.

Bathi akubathokozisi ukuhlala kule ndawo ngoba bayabona ukuthi ayiphephile ngenxa yokungahlanzeki kodwa ukuyohlaliswa eWelbedacht, eChatsworth, abakufuni ngoba kukude nalapho besebenza khona nalapho kufunda khona izingane zabo.

Ilungu lomphakathi, uMnuz Mlungisi Bhengu, lithe abaphikisani nokususwa kule ndawo kodwa uma besuswa bafuna ukwakhelwa amathini lapho bezokwakhelwa khona izindlu.

“Kwathiwa izindlu zethu zizokwakhiwa eConobia ngaseMhlanga, kungcono sakhelwe izindlu zamathini lapho kunokuya eChatsworth siphinde sithuthwe sekulunge izindlu,” kusho uBhengu.

Uthe into ebakhalisa kakhulu imali yokugibela sebesuka eChatworth beza e-Clare Estate lapho betohoza khona. “Kungcono nangaseMhlanga ngoba kukhona inxanxathela yezitolo, kuyakhiwa amatoho sizosheshe siwathole. Into eyenza sikhathazeke ukuthi kukhona vele asebeke bathuthwa kodwa sebebuyile bazovusa imijondolo ngenxa yokuba kude kwamatoho abo,” kusho uBhengu.

Ikhansela lendawo, uMnuz Jayraj Bachu, lithe abaphoqi muntu ukuthi asuke kodwa bafuna ukuthi laba bantu bahlale endaweni ehlanzekile elungele ukuhlala abantu.

“Angisazi ukuthi laba bantu bafunani ngoba ngesikhathi kuqala uhlelo lokwakhiwa kwezindlu eminyakeni emihlanu edlule bakhelwa izindlu eParkgate ngaseVerulam kwathi sekufanele bathuthwe bakhala ngemisebenzi yabo. Lezo zindlu zanikwa abanye abantu ababezidinga,” kuchaza uBachu.

Uthe izindlu zamathini eziseChatsworth ezesikhashana, laba bantu bazohlomula izindlu kulezi ezakhiwa eCornubia okulindeleke ukuthi kuphela lo nyaka ezinye zazo seziphelile.

Laba bantu bakhala ngokuthi bafika izindlu zabo sezidwetshwe iziphambano ezibomvu bengekho besemsebenzini nokuchaza ukuthi bazosuswa noma bengavumanga.