Bayanda Abahlali

Inhlangano yaBahlali baseMjondolo inhlangano enkulu yabantu abampofu eningizimu afrika .Akusiyo inhlangano yezepolitiki .Isebenzisana nabanye Abahlali baseMjondolo okubalwa kubo nabadayisi basemgwaqeni ,Inamalungu emijondolo engu 34 eyehlukene .Ikhule ngokuqala kubhikishwe eKennedy Road ngoMashi 2005 .Umhlaba abawuthenjiswa ukuthi bazokwakhelwa kuwo bathola ukuthi usudayiselwe abacebile, Lokhu kwabenza bagana unwabu ,baqonda lapho bavimba ukuthi kuqhutshekwe nokwakhiwa .Bamashela ku M19 bashisa amathayi lapho kwaboshwa khona abawu 14 . uAlfred Mdletshe ohlala kuKennedy wathi bakhathele ukudlala amakhansela ebadayisa .etshela intatheli u-Fred Kockott emva kwalokho Abahlali abawu1200 kuKennedy bamasha befuna kudedelwe amalungu abo awu 14 kodwa avinjwa ngamaphoyisa ngezinja nesisa esikhalisa unyembezi .Ngalobobusuku uSbu Zikode owayengusihlalo ngalesosikhathi emhlanganweni womphakathi wathi “Sisele Sodwa”.

Amamashi angekho emthethweni alandelwa amanye ayesemthethweni okwakumashelwa amakhansela angasebenzi. Yayinabantu abawu 5000 .kwakungcwatshwa ikhansela (Mock Funeral).bazibophezele ukulwela umhlaba nezindlu,ukususwa ngenkani .Emashini eyasukela ku Foreman Abahlali abawu 45.Sebske bamenywa kwi nkulumo mpikiswano ne Meya ye Theku u Obed Mlaba ku Aikhulume uhlelo olukumabonakude.Ngo Septhemba 11,I GAGASI FM lamema u Sbu Zikode no Philani Zungu kanye no Mnikelo Ndabankulu,ukuthi bachaza kabanzi ngomzabalazo wabahlali.Kodwa ababange besafika ngenxa yamaphoyisa ase Sydenham police station.Babavimba babathuka ngezikibha ezibomvu babashaya,bahamba nabo e police station lapho bafike baqhubeka nokuba xhaphaza ngesibhaxu.U Mnikelo bamdabulela isikibha sakhe esibomvu ngoba bethi asingeni e police station.Bathi bazosenza isikolobho sabo.

Ngakusasa bavela e nkantolo belimele ngenxa yokushaywa kanzima amaphoyisa.Unsumpa wale police station u Glen Nayeger wathwetshulwa amanye amaphoyisa eshaya ngesihluku o Sbu no Philani ebangqubuza ezindongeni nokwa holela ekutheni u Philani aquleke.Nase Motala Heights kwenziwa isihluku esifanayo sokuhlukunyezwa kwabantu amaphoyisa,nakweminye imijondolo eminingi.Lolu dlame olubhekiswe kwabampofu lusho ukuthi Abahlali Base Mjondolo basahlalelwe umsebenzi omkhulu wokususwa nokufudulwa kwabantu ngenkani ezindaweni zabo.Abahlali basebenza kanzima beqoqa bafundise imphakathi ngamalungelo abo.Nokubhekana no Masipala ukuthi uma ebahlukumeza , kumele bamyise kanjani e Nkantolo.Umzabalazo uyaqhubeka.