Intando yeningi ,Ubungameli ,Okucacileyo neNkululeko engakhethi, Umhlangano wonyaka wabahlali

Abahlali babamba umhlangano wabo wonyaka zingu mhlaka 26 November 2006 ehholo lomphakathi ku Kennedy. Ukulungiselelwa kwalowomhlangano kwakumenyezelwe kuyo yonke imihlangano yabahlali .nasemisakazweni. ABM abazange baziqokele bona ababezongenela ukhetho .Wonke amalunga Abahlali kumawadi kwadingeka ukuthi baziqokele bona abantu babo abazobahola. Ngoba ihholo lingathwala 300 .kwadingeka ukuthi , isigodi ngasinye silethe 20 wabantu.Lokhu sasifuna ukuqinisekisa ukuthi zonke izigodi zikhavekile ngokulinganayo.Nokuthi noma abantubaku Kennedy bebaningi bangazenzeli ngokuthanda kodwa kulinganwe .Iningi elabe lingenele kwabe kungabesimame.

Abahlali bayaqinisekisa ukuthi izwi lomame lizwakale . Ukungenela kwakudingeka ube yilungu labahlali eliphelele .uR7 ukujoyina .lemali incane kodwa njengoba sibaningi ,iyonela izidingo .Kunokuthi sidlule abaxhasi bama NGO’s abafuna ukusibusa. Izikhundla ezabe zingenelwe yilezi* President, Vice President, Secretary ,Vice sec, Treasure ,PRO, C-ordinator. Izigodi zazivunyelwe ukungenela noma yiziphi izikhundla. Inhlangano ebizwa nge CLP .yamasonto yayiwu IEC wethu. Yaphatha ngendlela egculisayo.Siyihlonipha njengoCORE, ODAC, FXI.Ngemuva kokuvota , kwabalwa amavoti ,kwabizwa imiphumela ,eyagculisa wonke umuntu .Kwakuyintando yeningi yangempela .Manje sesithi votela umhlaba nezindlu. Ngokubona kwami kumele kuvinjwe ubugebengu bamaphoyisa ahlukumeza abantu ko Kennedy ,Motala Heights, Siyanda .

Kumele silwe ukuze asebenze ngendlela efanele.!!!