iW Questions

Ngonyaka odlule ,uSobaba weTheku u Obed Mlaba wathi ngasekupheleni kuka 2006 amakhulukhulu Abahlali baseMjondolo baseThekwini bazonikezelwa ngezindlu ezikhonekayo ( lezo izindlu ezingabizi kakhulu).Wathi zizokwakhiwa eNyakatho neTheku kuhlelo lwentuthuko kwezezindlu lwezi-R10 billion. Umphakathi usulinde ngaphezu kweminyaka engamashumi amane. Ngemva kokuthi usoBaba weTheku asho lokhu abaHlali baseMjondolo ababange besezwa lutho .,Sadinwa , Sacasuka ngoba uHulumeni awukwazi uksitshela ngekusasa lethu. AbaHlali baseMjondolo Movement ,okuyinhlangano elwela izimfuno zabantu abahlala emjondolo ).Yafaka isicelo ngokomthethto wokunikezzela ngolwazi ,ukuthola ukthi yini esizoyenzelwa uhlumeni (nokuthi yini aseyenzile). Kulelisonto uHulumeni wenzile( njengokufanelekile )ngomthetho. Imiphumela ayimihle neze .

Imibuzo yethu yayimi kanje*
• Uhlelo lokunikezela ngezindlu zentuthuko
• Uhlelo ngezimali ezibhekelele ezezindlu
• Uhlelo lwezidingo –ngqangi njengamanzi, ukuthuthwa kwendle, nodoti kanye nogesi.
• Umuzwa /Uvo lukaMasipala ngemililo emijondolo
• Uvo lukaMasipala (nokuthi ucabangani ) ngohlelo lweSouth Africa yonkana i-“Breaking new ground ”.
• Uhlelo lwendawo i- Motala Height ne Joe Slovo
• Uhlelo lokuthuthukiswa komhlaba lapho kuzokwakhiwa khona imixhaso ukuze kungabi khona ukfudukiswa kwabantu (bekhishwa kumaWadi abakuwona) okungoWadi 15, 23, 25,31, 34 no 69.
• Uhlelo lwezimali nemiqulu yokulungisela intshonalanga Phoenix ,eyaziwa nge Moreland Development.

Sizithola nini izindlu?

Bathini ? Uhlelo lwentuthuko kwezezindlu lukaMasipala weTheku luthembisa izindlu eziyi-120 000 ungakafiki unyaka ka 2017.
Bathi lokho kuzoqeda ukusalela emuva kokunikezelwa kwezindlu nokwezicelo ezifakiwe. Lolulwazi lwalukhishwe eminyakeni eyishumi eyedlule , kumqulu wezezindlu. Lokhu bakusebenzise ukuphendula ngomthetho wokunnikezela ngolwazi olwalufakiwe.
Kusho ukuthini lokhu: UMasipala uphinde wathi uzoqeda ukukhuculula imijondolo ngonyaka ka 2010 (Ngalokho ngeke kusaba khona imijondolo).Kodwa uhlaka lwezimali lufishane kanye nezinsiza kusebenza njengemali nabantu akwanele, ngalokho izimiso zikanyaka ka2017 zibukeka zingasezufezeka ( lokho, kuwukuthi ngeke kwenzeke ).Kusho ukuthi umbimbi lwamakhansela aluhleli ,kodwa lugcina ngokucabanga ukuthi kungakhiwa izindlu ngesikhathi esifushane bese zinikezelwa kumphakathi ohlwempu ungakashayi unyaka ka 2017 ,lokhu kungaphezu kweminyaka engamashumi amabili kusukela ekupheleni kweminyaka yobandlululo.

Kwenzekani ngemali engama-R 10 billion yohlelo lokwakhiwa kwezindlu endaweni yaseMoreland okwamenyezelwa uMasipala ngonyaka odlule ?

Bathini: Ayikho imiqulu ekhona ngoba kusenezingxoxo eziqhubekayo.
Kusho ukuthini lokhu : uSobaba weTheku uObed Mlaba wathi ememezela ukuthi kuzothi ekupheleni konyaka ka2006, kuzothi abanye abaHlali baseMjondolo bazohanjiswa ezindlini zabo ezintsha e-Phoenix (eNyakatho nayo ).wayememezela azi ukuthi izivumelwano nabanikazi bendawo, iMoreland kwakuqediwe ngazo. Asikho nesiqiniseko sokuthi izingxoxo ngesivumelwano ziyaqhubeka ( kuyacaca alikho nethemba ngokuthi kukhona okuqhubekayo ).Umhlaba wase-Moreland usagcwelw izimoba hhayi izindlu.

Luthini uhlelo lukaMasipala lokunikezela ngogesi , amanzi nokuthuthwa kwendle emijondolo?

Bathini : Uma izindlu zabiwe ngohlelo, uMasipala unganikezela ngogesi ngenani eliphansi. UMasipala awufuni ukwenza lokhu ngoba uthi ekuqaleni “Ukufakelwa ugesi kwakukhishelwe wonke umuntu”. Kokokuthuthwa kwendle kulandela ukuphumelela kokuhlanzwa kwezindlu zangasese ,lapho kwakusiza abantu abasemphakathini, lokho kwabekwa kumakomiti emiphakathi ukuthi aqinisekise ukuthi kuyenzeka.

Kusho ukuthini lokhu: Umkhandlu wamakhansela wanikezela ngemiqulu yayo okumele ilandelwe, kodwa yangaphendula ukuthi ubani osekomitini , nokuthi yini izinhlelo zalo kanye nokuthi liyahlangana yini . Umasipala awukhiphanga lwazi ngezinhlelo zokunikezela ngogesi –bakusho lokho uma kukhona abafuna ukthi bazonika umphakathi.
Umakhelwane wami ,uNkk Ngcobo, wathi @
Sisagijimela emahlathini ngoba asinawo amathoyilethi, kuyingozi kufanele ugijime uye ehlathini uma unesisu esigijimisayo phakathi kwamabili ebusuku nasemini imbala .Emahlathini izingane ezincane nabesifazane bangadlwengulwa. Uma uhamba eduze komjondolo kufanele uqaphele lapho unyathela khona. Lena impilo yabantu edinga ukubhekwa.

Ngabe imali izoqhamuka nohlelo lwe (Breaking New Ground )?

Bathini: Ayikho imali entsha ekhona ngokwe Breaking New Ground. Lokho kusho ukuthini : Uhulumeni wenza uhlelo lokuzenza muhle emehlweni ezwe – kodwa i Breaking New Ground icishe ihlanganise zonke izimali zezezindlu.

Kungabe uzokwazi ukuhlala kwimiphakathi yethu, kulamaWadi esikuwo ?
Uhla lwezezindlu ?

Bathini :Uhla lwezezindlu kufanele lungakhishwa ngoba lwandisa ukubheka okungeyikho emphakathini ( lapho umphakathi ujabula kuze kweqe lapho ulutholile lusho nokuthi bazozithola nini izindlu uma kungasenzeki, inkinga ).

Kusho ukuthini lokhu* UMasipala uyakhombisa ukuthi naloluhla lwawo lwezindlu lungamampunge uqobo lwawo. Loluhla lungolokubambezela ngezingxoxo nezimpikiswano ezingenasidingo nokunika ithemba elingekho kubantu ( ukubambisa udonga ). Kodwa inqubo kaMasipala ilubeka eceleni uhla lwawo lwezindlu ngoba vele ngeke ukwazi ukunikezela ngezindlu.

Uthini uMasipala ngezinqwaba nqwaba zemililo yasemijondolo ?
Bathini : Kwakunombuzo ngalokhu kuhlelo lokuthola ulwazi kuHulumeni, kodwa akakwazanga ukuwuphendula.
Kusho ukuthini lokho: Umasipala awunazo izinhlelo zokuqeda ukusha kwemijondolo futhi awumisele ukufaka ugesi .Lokhu kungasho nokuthi –bajabule ukubona besha bengenakwenza lutho ngoba baswele kunokuthi babanike amandla kagesi. Abafuni kuMasipala ukusebenzisa imali.

Kungabe bavumelekile abaHlali noma banalo ilungelo lokuqoqelwa udoti ?
Bathini : Njengamanje umjondolo ngamunye uthathelwe udoti isonto nesonto.
Kusho ukuthini lokhu: Akulona iqiniso leli . Lezo zakhiwe ezineminyaka zaba khona, azikaze ziqoqelwe udoti.

Kungabe izakhamizi zendawo ziyaqashwa kokwenziwa endaweni, nabangahlali emijondolo bayaqasheka na?
Bathini: Izakhamizi zendawo ezibhekelelwa kuqala, kodwa bahlulekile ukukhombisa okubhalwe phansi.
Lokho kusho ukuthini: Kunesizathu sokungaphatheki kahle. Isibonelo, kunomsebenzi oqhubekayo esibhedlela i-King George, ikomiti le-BEC le ANC baqasha amalungu emindeni yawo kanye nabalandeli be ANC. Ngezikibha ezibomvu , AbaHlali abayitholi imisebenzi lapho . Lokhu kusenza sicabange ukuthi nakwizindlu zomxhaso kuzoba yiso leso. Bonke abantu abathola izindlu babhekwa kwi-National Housing Subsidy System , okuyilapho bonke asebezitholile egcinwa khona amagama abo. Konke okuchaza okungahambi kahle nobugebengu kumele kubikwe kuMasipala.

Luthini uhlelo ngeJoe Slovo neMotala Height ?

Bathini: Kukho konke okulandelayo, akukho okuqonde ngqo.
Kusho ukuthini lokhu: UHulumeni ukulungele ukushintsha ukungaboni kuye ekushayisaneni nenqubo mgomo yawo ( ukushintsha lokho athi ukholelwa ukuthi ngabe uyakwenza )Kodwa amakhansela agcwelwe inkohlakalo ( nokungathemnbeki).
Umphakathi waseMotala Height nakwezinye izindawo bayasatshiswa ngokuthi bangakhiphi noluncane ulwazi ngalobugebengu ngoba futhi izimpilo zabo zisengozini.

EMotala Height, kube nokukhwabanisa nokusabiswa kwabantu , uHulumeni akazange azigcine izimiso zawo, nezidingo –ngqangi azizange zifezekiswe*
• Ngasekupheleni kuka October nasekuqaleni kukaNovember, abaqaphi bakaMasipala bafika bawisa imijondolo engamashumi amathathu . Abahlali baseMjondolo abazange baziswe ngalokhu. Ngesikhathi zifikile izisebenzi zikaMasipala zadabula ,zashaya ngethiyagesi bathuka baphinde basabisa abaholi.
• Uhulumeni awuzange uxhumane nabantu , kunabantu abasebenezindlu okufanele baye kuzona eNazareth , kunemindeni engaphezu kweyishumi nanhlanu abashiywa bengenamizi ,Basale belala emnyaango.
• Ngaphambi kokuwiswa kwemijondolo uHulumeni wagcwalisisa amafomu abanye bakhokha ukuze bathole izindlu. Labo abangenayo imali basala kanjalo. La eMzantsi ne Afrika umuntu onomazisi onamagabelo onelungelo lokuthola umuzi, kodwa lokho akwenzeki lapha.
• Kunomama owatshelwa ukuthi kumele alale nomunye ukuze athole umuzi, omunye watshelwa ukuthi akhokhe u-R2000-00 ukuze awuthole.
• Abanye batshelwa ukuthi kumele bahambe ,uma bengahambi bazovalelwa amanzi.
• Kulabo abanikwa izindlu eNazareth kunezinkinga eziningi eNazareth .
? INazareth isewadini 16 kanti iMotala Heights isewadini 15.Abahlali bafuna ukuhlala ngalapho besebenzela ngakhona nabantwana babo befundela ngakhona.
? Abantu bahanjiswa, bengakhonjiswanga
? Lokho okunikwa abantu akuhlukile kwimijondolo ethuthukisiwe. Awekho amanzi ahambayo okwenza namathoyilethi asebenze kahle. Awukho ugesi nezindlu azikho esimweni.

Akubanga bikho nobulungiswa kuhlelo lwezindlu nentuthuko eJoe Slovo (akukho, okusobala okwatshelwa umphakathi).

• Abantu ababengahlali endaweni ekuqaleni sebethola izindlu.
• Omunye umama watshelwa ukuthi ithoyilethi lakhe lizobhidlizwa ngoba bekuzokwakhiwa umuzi khona. Lapho bekuzokwakhiwa umuzi womunye.

Uma ubheka izincazelo azicacile kahle okunye okubaluleke kakhulu ,akucaci ukuthi ubani ozuzayo kwezezindlu .Awekho amagama ezinkontileka. Isibonelo : ngobani abakhi ,Akunasibalo, ngubani okuzoqondwana naye, Ubani okufanele aphendule ? Akekho obesebenzisana kanye nathi ngokubambisana .Sithathiswa okwamasaka amazambane. Namanje sisabuza.Nini ? Kuphi ? Kubani ? Kanjani ?.