Isolezwe: Basolana bodwa ngokusha kwemizi

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5076141

Basolana bodwa ngokusha kwemizi

July 10, 2009 Edition 1

CELANI SIKHAKHANE

BASOLANA bodwa abantu basemijondolo ekuKennedy Road, eThekwini, ngezigameko zokusha kwale mikhukhu. Bathi imvamisa imbangela yemililo kuba wubudedengu babantu abahlala khona.

Abanye abantu abahlala lapha bathi abashisa imijondolo kokunye basuke bedle amanzi amponjwana, kokunye kuxabene isoka nentombi.

Ngenxa yochungechunge lwezigameko zokusha kwemijondolo, ngisho nezinhlangano ezijwayele ukusiza lo mphakathi uma ushelwe seziqala ukuwushaya indiva ngoba kuthiwa kwenziwa ngenhloso.

Lokhu kulandela izigameko zokusha ezenzeke zilandelana nezishiye inqwaba yabantu ingenayo indawo yokuhlala kanti sekuphume nemiphefumulo eminingi.

Amalungu omphakathi ahlala kule ndawo aveze ukuthi kunabantu abashiya ikhandlela noma isitofu kuvutha balale kube sekuthungeleka umlilo.

Ilungu lomphakathi kule ndawo, elingathandanga ukudalulwa, lithe into ebuye iholele ekusheni kwemijondolo wuphuzo oludakayo olusetshenziswa kakhulu kule ndawo.

“Sekukaningi kwenziwa imikhankaso yokuqwashisa ngezinto ezidala umlilo kodwa abanye abayingeni. Uma belulekwa, bathi abalindelwe ukutshelwa ngokuthi baphile kanjani,” kusho lo mlisa.

Uthe ngenxa yalokhu, ngisho nabantu abajwayele ukubasiza uma kunezinhlekelele sebeze babaduba ngoba bethi imijondolo ishiswa ngenhloso.