Isolezwe: Inkantolo ivune abantu abahlala emijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5203046

Inkantolo ivune abantu abahlala emijondolo

October 15, 2009 Edition 1

INKANTOLO yoMthethosisekelo iwuchithile umthetho ovumela ukususwa kwabahlali basemijondolo KwaZulu-Natal.

Izolo le nkantolo ikhiphe isinqumo esithathwa njengesibe yinqophamlando ngesikhathi ichitha umthetho iKwaZulu-Natal Elimination and Prevention of Re-Emergence of Slums Act 6 ka-2007.

IPhini likaMengameli wamaJaji kuleli, uDikgang Moseneke, liwuchithile lo mthetho lathi uphambene noMthethosisekelo wezwe onikeza abantu igunya lobunikazi bomhlaba nokuhlinzekwa ngendawo yokuhlala ngaphambi kokuthi basuswe.

“Ngifike esiphethweni sokuthi isigaba 16 somthetho i-Slum Act siyashayisana noMthethosisekelo futhi ngiyawuchitha,” kusho uMoseneke.

Leli cala lafakwa yinhlangano elwela abahlali basemijondolo ebizwa ngokuthi Abahlali baseMjondolo Movement.

Le nhlangano ibikhala ngokuthi lo mthetho awubhekene ngqo nodaba lwezindlu kodwa ulwa nobunikazi bomhlaba nalabo abawusebenzisayo.

Ibikhala nangokuthi lo mthetho uvumela nomasipala ukususa abantu abahleli ngokungemthetho lokho abakuchaze njengokushayisanayo noMthethosisekelo.

Okhulumela uNgqongqoshe wezeziNdlu esifundazweni , uMnuz Nkululeko Ngcamu, uthe uNgqongqoshe uNkk Maggie Govender usazofundisisa kahle isinqumo senkantolo ngaphambi kokuba aphefumule ngaso.

ABahlali baseMjondolo babuye bakhala ngokuthi lo mthetho uyashayisana neNational Housing Act.

UMnuz Mbhekiseni Mavuso, onguNobhala-Jikelele weRural Network, engaphansi kwaBahlali baseMjondolo, uthe bayasamukela isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo.

Inhlangano aBahlali baseMjondolob imele amalungu angu-20 000 kanti bese kunesikhathi eside uqhubeka lo mdonsiswano phakathi kwayo nohulumeni.