Isolezwe: Bagxeka inyunyana yomahlalela

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5271748

Bagxeka inyunyana yomahlalela

December 03, 2009 Edition 1

Intatheli yeSolezwe

UBUHOLI bomfelandawonye lwe-ANC, Cosatu, SACP neSouth African National Civic Organisation KwaZulu-Natal bugxeke inhlangano yabantu abangasebenzi ebizwa ngokuthi yi-Unemployed People’s Movement (SAUPM) ngokuthembisa abantu abahlwempu izinto ezingekho.

Lolu mfelandawonye ukhala ngokuthi le nhlangano ihlekisa ngabantu abadla imbuya ngothi.

Esitatimendeni esikhishwe ngumfelandawonye izolo, kuthiwa i-SAUPM ebuye yaziwe ngokuthi Abahlali baseMjondolo, ibiqoqa izimali kubantu ibathembisa ukuthi bazothola imali yezibonelelo zikahulumeni.

Imashi yakamuva ebihlelwe yile nhlangano nebibheke ehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uDkt Zweli Mkhize, nayo igxekwe kakhu

“Siyakwemukela ukungenelela kwamaphoyisa ngokushesha nokubopha abaphehli balolu dlambedlu abangamalungu ale nhlangano engekho emthethweni nedlala ngabantu.

Sifisa nokuxwayisa abantu bakithi ukuthi bahlale beqaphile ngaso sonke isikhathi ukuthi bangadlali abantu ababathembisa izinto ezingekho,” kuqhuba isitatimende.

Kuphindwe kwakhalwa kakhulu ngokunyuka kwezinga lobugebengu. Umfelandawonye ube usuthatha isinqumo sokuthi ubuye lube nengqungquthela ezobheka amasu okulwa nenkohlakalo kulesi sifundazwe. – Intatheli yeSolezwe