Isolezwe: Inhlangano ikhala ngesimo emijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5293236

Inhlangano ikhala ngesimo emijondolo

December 21, 2009 Edition 1

Boniswa Mohale

INHLANGANO ebhekele ukuthula emhlabeni i-Amnesty International isikhiphe isitatimende lapho ithi iNingizimu Afrika yehlulekile ukuphenya ngezenzo zokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu emijondolo ekuKennedy Road eClaire Estate, eThekwini.

Le nhlangano, amaphoyisa nethimba elalijutshwe ukwenza uphenyo ngokuhlukunye-zwa kwamalungelo abantu baphenya ngesigameko sakamuva sokubulawa kwabantu ababili kuleya ndawo.

Le nhlangano ithi labo abebeseqhulwini lophenyo bathi indlela obekusinge-thwe ngayo uphenyo ibinokwenzelela kungabhekwa zonke izinhlangothi.

Kulesi sitatimende kuthiwa nakuba kwacelwa ukuthi kujutshwe abaphenyi abazimele abangeke bazwelane nohlangothi oluthile ngo-Okthoba, kodwa lokhu akwenzekanga.

Ababulawa kulesi sigameko ngoMnuz Thabani Ndlovu noMnuz Thokozani Mnguni.
Click here!

“Abantu abahlaselwa abasakwethembi ukusebenza komthetho ngenxa yokuthi lolu dlame aluphenywanga ngendlela okuyiyo,” kuphetha lesi sitatimende.

Isimo kuthiwa sisashubile kuKennedy Road njengoba amalungu Abahlali baseMjondolo, okuyinhlangano elwela amalungelo abantu ezindaweni ezifuze lena, behlezi lubhojozi.

Kusanda kuqubuka lolu dlame kwaboshwa abantu abangu-13 okwakulokhu kuhlehliswa icala labo ngenxa yokuthi kwakungaziwa ukuthi ngobani abathintekayo ezigamekweni zokubulala.

Abantu abangu-8 bagcina ngokudedelwa kwasala abangu-5 ababhekene namacala.