Inkulumo ka-Mengameli waBahlali baseMjondolo Movement SA.wokuvulwa kwehhovisi labahlali e-Siyanda

Inkulumo ka-Mengameli waBahlali baseMjondolo Movement SA.wokuvulwa kwehhovisi labahlali e-Siyanda, Isonto, 28 February 2010.

Mphathi wohlelo, abaholi babahlali baseMjondolo, bonke abaholi abakhona ngokwezikhundla zabo nabobonke Abahlali baseMjondolo.

Ngithanda ukuzwakalisa ukukhathazeka okukhulu ngokuthi ngingakwazi ukuba phakathi kwenu namhlanje , futhi ngifisa ukudlulisa ukuxolisa okukhulu kini ngokuzithoba. Nakuba ngifisa nazi ukuthi nginani ngokomphefumulo.Kubeyintokozo enkulu kimi ukubona abaholi benu beshabasheka, behla benyuka ukwakha lelihhovisi ngokusizwa ngamalunga omphakathi. Lelihhovisi lakhiwe ngezithukuthuku zabasebenzi abampofu, lelihhovisi lakhiwe ngothando nobubele ngakho-ke angingabazi ukuthi lizowusiza lomphakathi wabahlali.

Sifisa ukuzwakalisa ukubonga okukhulu emndenini wakwa-Mkhize kwaSihlalo ngokusivumela ukusebenzisa ikhaya lawo ukwenza umsebenzi wabahlali. Lomsebenzi eniwenzile uyinkomba yokuthi kukhulu Abahlali abangakwazi ukuzenzela khona okufana nokwakhiwa kwezinkulisa, izingadi, izinhlelo zokuthuthukisa intsha, imisebenzi yezandla nokunye okuhlose ngakho ukuqeda indlala, izidakamizwa, ubugebengu nezifo. Lokhu enikwenzile kuyinkomba nje yokuthi umphakathi ungakwazi ukuziphathela wona intuthuko yawo ukuze silwisane nenkohlakalo. Nakuba sazi ukuthi siyalubona ushintsho olenzeka endaweni yethu kungenxa yokukhuthala,yokuzinikela nokuzimisela kuka Mama-Mkhize usihlalo walapha neKomidi lakhe, masibashayele izandla. Sithi mabaqhubeke babe yisibonelo nakwezinye izindawo zabahlali ezisakholelwa wukuthi yihhovisi elikhulu lombutho eliseThekwini okufanele lilethe intuthuko emiphakathini yethu. Sikhumbule ukuthi Abahlali bakholelwa wukuthi akukho okwethu ngaphandle kwethu, Abahlali abenzelani bayenzisana, sukuma-ke ukuze sikulekelele ukukusukumisa.

Sifisa-ke ukuthi ukuvulwa kwalelihhovisi sikuthathe njengokuqala kwentuthuko enkulu eseza kulomphakathi obesekukholakala ukuthi sewathuthukiswa. Silindele ukuthi njengoba nomgwaqo usuvulwa, alandele namanzi, ugesi, nezindlu zangasese ngalesikhathi silekelela uhulumeni ukuthi aphuthumise izindlu ezizosinika isithunzi esisifanele. Siyazi ukuthi abanye bethu basahlala kabuhlungu emathinini, abanye badlelwa imihlaba neziza zabo, abanye basezinkantolo ukulwela amalungelo abo, abanye bethu basekudingisweni, abanye basaboshiwe. Nginxusa ukuzwelana, ukubumbana nokubambisana okukhulu ngalesisikhathi esinzima kangaka embuthweni wethu ukuze sinqobe. Sekuyabonakala phambili. Ngiqguqguzela bonke abaholi bethu nehhovisi lethu ukuthi lisebenze ngokuzikhandla ukuze sibuyise isithunzi sabahlala emijondolo.

Silindele ukuthi lelihhovisi lisebenze njengesikhungo somphakathi ukuletha intuthuko yalomphakathi ngaphandle kokubandlululana, nokwenzelela. Ngiyavumelana nekhwela ebelishaywa ngabaholi bala ukuthi kwayileligama le-project lishitshwe ngoba i-project yase-Siyanda kwaziwa ukuthi kade yaphela. Yiwona lomphakathi oyokwenza ushinstho, uphakamise negama lethulwe futhi ngokusemthethweni. Sithi bonke Abahlali abasebenze kanzima ukubuyisa isthunzi sabatu abahlala emijondolo.

Ngiyabonga.
S’bu Zikode