Isolezwe: Banqumele uZuma ugwayi katiki abahlala emijondolo

 

 




 

 

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5400216

Banqumele uZuma ugwayi katiki abahlala emijondolo

March 23, 2010 Edition 1

Boniswa Mohale

ISIFUNA kungenelele uMengameli wezwe odabeni lokungahlinzekwa kwezidingongqangi kubantu basemjondolo inhlangano yabahlali basemjondolo.

Izolo amakhulu ngamakhulu amalungu ale nhlangano amise ukuhamba kwezimoto enkabeni yeTheku emashela ukuthi awahlinzekwa ngezidingo ezifana namanzi, ugesi nezindlu. Athe asekhathele ukukhuluma nobuholi bedolobha nobesifundazwe njengoba izikhalo zabo zingalalelwa.

Baye banxusa ukuthi uMengameli wezwe angenelele odabeni lwabo, bamnikeza amasonto amabili ukuba aphendule.

Inhlangano yabahlali basemjondolo izolo ibihambisana nabahlali basemafulethini.

UMnuz Troy Marrow, wabahlali basemafulethini, uthe inhlangano eyaqashwa nguhulumeni ukuba iqinisekise ukuthi abantu barentela ubunini bamafulethi isibarentisela unomphela futhi iyenyusa njalo imali yerenti.

Le mashi bekumele iyophelela eCity Hall kodwa ngeSonto inkantolo iye yatshela Abahlali baseMjondolo ukuthi imashi yabo ngeke ikwazi ukuphelela eCity Hall ngoba iyalungiswa.

Kube nomkhuleko ngesikhathi abahlali sebesondele ekhoneni lomgwaqo u-Dr Yusuf Dadoo njengoba lo mgwaqo ubuvinjwe ngamaphoyisa abezoqinisekisa ukuthi abahlali abayi eCity Hall.

Umholi waBahlali baseMjondolo, uMnuz Sbu Zikode, uthe kuyaxaka ukuthi le nhlangano ivinjelwe ukuthi imashele eCity Hall yize eyothisha iSadtu ivunyeliwe ukumasha ngoLwesihlanu.

Ube esethi lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi uMasipala awuphathi abantu ngokulingana. UZikode uthe bawenzile amalungiselelo okuxhumana nehhovisi likaMengameli wathi unethemba lokuthi bazolalelwa.

Uphethe ngokuthi uma izikhalazo zabo zingaphendulwa emuva kwamasonto amabili bazongena emgwaqeni ngaphambi kwemidlalo yeNdebe yoMhlaba.

Le mashi beyesekwe nangabaholi bamabandla ehlukene abanxuse ukuthi uhulumeni abhekelele abampofu.