Isolezwe: Bafuna ugesi abashelwe yimijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5445592

Bafuna ugesi abashelwe yimijondolo
April 27, 2010 Edition 2

CELANI SIKHAKHANE

ABAHLALA emijondolo eku-Kennedy Road eThekwini bathi ukungafakelwa ugesi
yikhona okuyimbangela yokuthi bahlale ngokushelwa yizindlu ebashiya
behlwempu.

Lokhu kulandela isigameko sayizolo sokuqubuka komlilo oshise inqwaba
yemijondolo yakule ndawo noshiye abanye abantu besele nabebekugqokile
kuphela.

UNksz Nkosingiphile Buthelezi oseqede iminyaka engu-14 ehlala kule mijondolo
uthe ubesemsebenzini ngesikhathi kuqala lo mlilo kanti ushelwe yikho konke
abenakho .

“Ngisele nezimpahla zokusebenza kuphela, akukho okunye enginakho.
Okubuhlungu nje ukuthi angazi ukuthi ngizothathani ngihlanganise nani
njengoba ngilahlekelwe yinqwaba yezimpahla,” kusho uNksz Buthelezi.

Ngesikhathi abezicishamlilo bematasa becisha, abantu bakule ndawo bebebalisa
ngokuthi kazi bona bonani ngokungafakelwa ugesi nokwakhelwa imixhaso.

Usizi belubonakala ebusweni njengoba abanye bebebonakala bethulisa izingane
ezincane ezisinde kulo mlilo obusha ubuhanguhangu.

Eqeqebaneni labesifazane ebeligone izingane kuzwakale kukhona othi ngendlela
abahlukumezeka ngayo angafunga ukuthi ukuhlupheka bakuthenga.

Abanye bebeze bakhale nangokuthi ngabe kungcono ukuba bafakelwa ugesi
nezindlu ngoba isinzima ngokwedlulele impilo yakule mijondolo ehlaselwa
umlilo njalo uma sekuqala ubusika.

Okuvelayo ukuthi kunomunye wabahlali okusolwa ukuthi ubeshiye isitofu
sivutha ngesikhathi eya emsebenzini njengoba kuthiwa umlilo waqubuka komunye
wemijondolo.

UMnuz Sipho Ntshele (26) uthe wayeyothenga iphepha nokuthe uma esebuya
wazithela phezu kwelangabi elikhulu obese kunzima ukulicisha.

Uthe kube nzima ngisho ukufinyelela emjondolo wakhe nokuholele ekutheni naye
ashelwe yizo zonke izimpahla zakhe nomazisi.

Le ndawo isifana nesizinda somlilo ohlale ushisa imijondolo njengoba abanye
abahlali bethi sekuphele iminyaka engaphezulu kweyishumi bephila le mpilo
yokushelwa yizimpahla.

Kwenzeka lokhu nje akukapheli isikhathi eside kuqubuke umlilo emijondolo
yaseCato Crest, eMayville, nawo owashiya abantu besele dengwane.