Isolezwe: Sekuphume isidumbu konogada abakhalayo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5517006

Sekuphume isidumbu konogada abakhalayo

June 17, 2010 Edition 1

NQOBILE MASIMULA

SESIKHIPHE isidumbu isiteleka sonogada asebephelelwe ngumsebenzi wokuqapha izinkundla okudlalelwa kuzona imidlalo yeNdebe yoMhlaba kulandela ukungagculiseki kwabo ngamaholo.

Izindaba zokushona kowesifazane igama lakhe elingakadalulwa kuze kwaziswe izihlobo zakhe zimenyezelwe emashini abebeyingxenye yayo labo nogada abebengaphansi kwe-Stallion Security.

Yize amaphoyisa engakwazanga ukuqinisekisa lokhu kodwa abanye ozakwabo bakamufi bathi bajike khona esibhedlela ashonele kusona, i-Addington.

“Akukacaci kahle ukuthi yini le egcine ithathe umphefumulo wazakwethu kodwa khona sesizwile ukuthi kugcine kumenele namhlanje (izolo),” kusho uMnuz Falakhe Bhengu.

Izolo onogada bagcwale izitaladi zeTheku bemasha kanye nomfelandawonye owaziwa nge-Durban Social Forum lapho bebekhala ngokungahlomuli kwawo wonke umuntu ngokuza kweNdebe yoMhlaba kuleli.

UMnuz Patrick Mkhize oyilungu lalo mfelandawonye, uthe ngemashi bebezwakalisa ilaka labo ngokuxhashazwa kuka-R40 billion kulungiselelwa imidlalo, ebingakwazi ukwakhela imizi abantu abayizinkulungwane eziphindaphindiwe.

“Kumele sibe neqiniso akekho noyedwa umuntu ozohlala eMoses Mabhida uma sekuphele umqhudelwano kodwa ukwakhiwa kwemizi kuyinto eyohlezi ikhona futhi isiza bona laba bantu abaxhashazwayo njengamanje njengalabo abebengonogada,” kusho uMkhize.

Uhlu lwezikhalo ludluliselwe kuMnuz Logie Naidoo, oyiphini leMeya yeTheku kanye noMnuz Cyril Xaba oyilungu lesishayamthetho kulesi sifundazwe.

Khonamanjalo, sekujutshwe abaphenyi abaphuma eMnyangweni wezabaSebenzi ukuthi bahambele zonke izinkundla zemidlalo ukuze bezobheka ukuthi ilandelwe yonke yini imigomo kuqashwa onogada.

Lokhu kuphakanyiswe yinyunyana enesibalo esiphezulu sonogada abangaphansi kwayo, iSouth African Transport and Allied Workers’Union (Satawu), emuva kokuthi onogada bebe nezikhalo zokuthi abanazo ngisho izivumelwano ezibhalwe phansi zokuqashwa kwabo.

Namanje iFifa neLocal Organising Committee (LOC) ehlela imidlalo yeNdebe yoMhlaba basaziqhelelanisa nalesi siteleka. Kubuye kwavela ukuthi sesikapakele eGoli nasePort Elizabeth