Isolezwe: Kufe ababili kusha imijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4085037

Kufe ababili kusha imijondolo

July 05, 2010 Edition 1

MLUNGISI MHLOPHE

KUSHONE abantu ababili abashe bangqongqa ngesikhathi kusha imijondolo engaphezu kuka-500 kuKennedy Road, eThekwini, izolo entathakusa.

Yize amaphoyisa ethe kufe abantu ababili kule ngozi kodwa amalungu omphakathi athe bane abantu abashonile.

Siye koshicilela labo abashonile bengakahlonzwa njengoba izihlobo zabo bezingakatholakali.

Lo mlilo, oshiye iningi labantu lisele dengwane kule ndawo, kuthiwa uqale ngehora lokuqala entathakusa.

Ngesikhathi Isolezwe lifika kule ndawo ngabo-9.30 ekuseni bekusashunqa intuthu abezicishamlilo beqedela ukucima.

Abanye abantu bebebeke izimpahla zabo ezisindile eceleni komgwaqo njengoba izindlu zabo bezicekeleke phansi. Abanye bebematasa bezama ukuvusa imizi yabo ukuze bakwazi ukufihla ikhanda.

Omunye wabashelwe yimizi, uNksz Thembeka Hlatshwayo, uthe akazi ukuthi uzolala kuphi nomfowabo omncane onezinyanga ezintathu uNhlanhla njengoba umjondolo wakubo ushe waphela.

“Ngiphaphame ngehora lesithathu entathakusa ngemuva kokuthi ngizwe umsindo abantu bebemeza nathi savuka sabaleka. Sibonga uMdali ukuthi sisindile njengoba sizwa kuthiwa kushone abantu abane ngenxa yalo mlilo,” usho kanje.

UMnuz Sanele Mbambo, naye oshelwe yindlu yakhe, uthe ubeyingxenye yabantu abakhiphe ikhehla nowesilisa emzini yabo ngezikhathi zehora lesithupha ekuseni abashe bangqongqa kulo mlilo.

“Ngesikhathi sibakhipha ezindlini zabo bese bevele beshonile,” kusho uMbambo.

Le ndawo ijwayele ukuhlaselwa umlilo njengoba sekube nezigameko cishe minyaka yonke.

Okhulumela amaphoyisa aseThekwini, uLt Colonel Jay Naicker, uthe amaphoyisa aqaphe isimo kule ndawo.

“Amaphoyisa avundulule izidumbu ezimbili zabesilisa omunye wabo oneminyaka elinganiselwa ku-70 omunye kwengu-34,” usho kanje.

UNaicker uthe bangu-2 000 abantu abasele dengwane ngemuva kokuqubuka kwalo mlilo, wengeza ngokuthi bathole ukuthi umlilo udalwe ukubhamuka kwesitofu sikaphalafini. Uthe kuvulwe idokodo lophenyo.