Ivangeli Akuyona Into Yokuzicebisa

Ivangeli Akuyona Into Yokuzicebisa

Mhleli ngithintwa isikhalo sabanye babazalwane malunga nodaba lweNtsunami (N.J. Sithole) neZakhe. Engifuna ukukuveza nami ngingumzalwane kodwa uma abazalwane bethatha isiqumo sokuqalekisa Ilanga nezintatheli lokho ngabe kungcono uma i argument yabo ithi ilanga linamanga hayi ngoba libhale iqiniso abangahambisani nalo yingakho siwumphakathi singahambisani nokuthi izintatheli ziqedelwe ilungelo lokuzimela ngale midia tribunal ngoba siyakuthokozela ukuzwa amaqiniso ngezinto zonke ezenzeka ezweni sakhile noma usopolitiki noma usomabhizinisi noba umfundisi iqoba nje uma lingasiqambeli amanga. Odabeni lomnikelo ka R78000 ivangeli alihambisani nakho njengoba lemali ingangenanga ebadleni kodwa ingene ephaketheni lakhe incwadi yabasekorinte besibili isahluko 9 ivesi 7 ikubeka kucace bha ukuthi yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyeni yakhe kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikela ethokoza manje kuloludaba angikuboni ukuthokoza ngoba kwakuyimali yokugcina ethembe ukuthi umkhuleko kaMfundisi ungamsiza lapho awukathokozi uma lowo msebenzi oshiwoyo awukawutholi intokozo uyiyithola uma usuthole omunye umsebenzi. Udaba lokuqalekisa izintatheli zephepha akuhambisani nezimfundiso zikaJesu ngoba encwadini kaLuka 23 verse 34 lapho ithi khona Baba bathethelele ngoba abakwazi abakwenzayo bangaqalekisi. Okunye izinceku zami ezikukhohlwayo ukuthi iLanga lizibhalile nendaba ezihle ngo N J Sithole lapho beveza idlela abewakhipha ngayo amadimoni ezikoleni nangesikhathi ewasha bonke abafundisi abaphekwa uyena ebageza izadla njengoJesun esehamba konke lokho alinconywa ilanga ngakho. Bazalwane ivangeli phambili imali emuva imali yeminikelo ayenze imisebenzi yebadla hayi ukuthenga izimoto eziphambi namasudi abizayo. Akucace ukuthi umuntu ubizelwe ukushumayela ivangeli noma imali.

Mnikelo Ndabankulu
Clare-Estate