Isolezwe: Bakhale ngotshwala kusha imijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5672285

Bakhale ngotshwala kusha imijondolo

October 04, 2010 Edition 1

Boniswa Mohale

BAKHALA ngophuzo oludakayo abahlali basemijondolo ekuQuarry Road eThekwini kulandela ukuthi owesilisa okusolwa ukuthi ubedakiwe eshiye ikhandlela livutha lacekela phansi imijondolo engaphezu kuka-200 kwafa abantu ababili.

Ngokusho kukaMnuz Robert Mzobe (62), osekomidini elibhekele ezokuphepha kule mijondolo ngabe lo mlilo awuzange ube khona ukube owesilisa ohlala lapha akashiyanga ikhandlela livutha ngesikhathi eya esipotini.

“Umlilo uqale emjondolo womuntu okade ngibikelwa ngaye ukuthi uphuza ngokweqile. Izolo uye washiya ikhandlela livutha ngesikhathi eya esipotini. Ukube ubengaphuzanga ngabe ukucabangile ukuthi kumele acime ikhandlela uma ephuma endlini. Kufe abantu ababili abangakwazanga ukuvuka ngoba bebephuze kakhulu,” kusho uMzobe.

UDivision Commander Alfred Newman okunguyena ofike nezicishamlilo kule mijondolo uthe lo mlilo uqale entathakusa yayizolo kanti ngesikhathi befika imijondolo ibivele isivutha.

“Sifike ngezimoto ezimbili zokucima umlilo nezintathu ezithwala amanzi, sikwaze ukudambisa amalangabi emuva kwehora elilodwa kanti ukucima yonke into kusithathe amahora amane. Babili abantu abashe bangqonga kulo mlilo abanye bathathwa ngamaphoyisa,” kusho uNewman.

Bangu-1 000 abantu abasele dengwane kanti uphiko lwezezindlu nekhansela bebekhona izolo sebeqale nokunikezela ngokudla.

Ikhansela le ndawo uMnuz Jayraj Bachu lithe abantu abashelwe yizindlu bazolala etendeni elizolethwa wuphiko lwezezindlu kuMasipala weTheku kanti kuzokwazeka namhlanje ukuthi abantu bazosizakala kanjani.

Ngokusho kwekhansela kufanele ukuthi abantu bakule mijondolo kade bazithola izindlu njengoba babe yingxenye yohlelo lukahulumeni lokuqeda imijondolo.

Lithe abanye bahamba bayohlala ePargade naseWilberdatch kanti abanye basala ngoba bethi lezi zindawo zikude nomsebenzi.

Umndeni olahlekelwe yindodana kulo mlilo uthe awunayo imali yokuyingcwaba njengoba kungasebenzi muntu khona kanti ugogo wakhona uthe akazi ukuthi izingane ezifundayo zona zizoze ziye nini esikoleni njengoba kushe yonke into.