Isolezwe: Abantu bafuna abezindaba babike ngenkululeko

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5705565

Abantu bafuna abezindaba babike ngenkululeko

October 28, 2010 Edition 1

NQOBILE MASIMULA

BASABISE ngokubuyela emgwaqeni bamashe zonke izinsuku uma izikhalo zabo zingezwakali abagqugquzeli |be-Right2Know, okuwumkhankaso okuhloswe ngawo ukuphikisa umthethosivivinywa wokufihlwa kolwazi.

Laba bantu abalinganiselwa emakhulwini amathathu bebegcwele izitaladi zeTheku izolo bebhikisha njengengxenye yalo mkhankaso osabalele ezweni lonke.

Omunye wabagqugquzeli balo mkhankaso, uMnuz Desmond D’sa, uthe imashi ihehe abantu abasemazingeni ahlukene empilo kwazise ukuthi kuzobathinta bonke abantu ukuphasiswa kwalo mthetho.

“Ukuphasiswa kwalo mthetho kuzobe kusho ukuthi asisophinde sizwe imibono yabantu abahlukene ngoba besaba ukuboshwa,” kusho uD’sa.

Uthe lokhu okuhlongozwayo akuhlukile kulokho okwakwenziwa nguhulumeni wobandlululo.

“Kumanje bakhona asebeqalile ukusebenza phezu kwalo mthetho nokuzoba lula kakhulu uma uphasa umthetho emakhanseleni njengoba esezofihla ukuthi izimali zisetshenziswe kanjani kube kunomthetho owavunayo,” kusachaza uD’sa.

Phakathi kwezinhlangano ebezizimazise le mashi kubalwa Abahlali Basemjondolo, abantu basemahostela, izakhamuzi zasemalokishini amakhulu akhele iTheku, osolwazi nabafundi bophiko lwezobuciko baseNyuvesi yaKwaZulu-Natal nabafundi benyuvesi yaseDenmark.

UNksz Zodwa Nsibande, ongumkhulumeli waBahlali Basemjondolo, uthe nabo babone ubathinta lo mthetho ngoba okusuke kubhalwe emaphepheni kusuke kuzosizakalisa bona njengomphakathi ekwazini ukuthi kwenzekani ezweni labo.

“Kubalulekile ukuthi sazi ngakho konke okuqhubekayo lapho sihlala khona kodwa uma sekuhlongozwa imithetho enje kuyobe sekuthuthukiswa isizwe esidwanguza ebumnyameni ngenxa yokufihlelwa ulwazi,” kusho uNksz Nsibande ohlala emjondolo yaku-Kennedy Road.

Le mashi eqale eBotha’s Park yaphelela eCity Hall ayibanga nazigigaba ezibikiwe kwazise ukuthi bekukhona nezingcithabuchopho kulaba abebemasha.

Uhlu lwezikhalazo lwamukelwe nguMnuz Bheki Nkwanyana, obevela ehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal nothembise ukuludlulisela kuDkt Zweli Mkhize, uMengameli Jacob Zuma noNgqongqoshe wezobuNhloli kuleli, uDkt Siyabonga Cwele.