Isolezwe: Abaxoshwe ovilavoco abasincisha izindlu zemixhaso

Isolezwe, 14/01/2011

Abaxoshwe ovilavoco abasincisha izindlu zemixhaso

MHLELI: Ngiphe ngiphawule esitatimendeni esikhishwe uNgqongqoshe woMnyango Wezokuhlaliswa kwabantu kuzwe lonke uMnuz Tokyo Sexwale mhla zingu-11 kwephezulu, malunga nodaba lwezifundazwe ezihlulekile ukusebenzisa izimali zokwakhelwa abantu izindlu.

Kulezi zifundazwe kubalwe iKwaZuluNatal, iWestern Cape, Free State ne-Eastern Cape.

I-KwaZulu-Natal ingenye yalezi zifundazwe ezine ezihlulekile ukusebenzisa imali zaze zayibuyisela emuva kuhulumeni omkhulu noma zihlulekile ukuletha amapulani aphusile asho ukuthi ahlele ukuyithuthukisa kanjani imiphakathi ngezindlu.

Sikushayela ihlombe ubuqotho balo Mnyango wokunika izwe amaqinso ngalabo vilavoco bezisebenzi zalezi zifundazwe abangasebenzi.

Laphoke engingahambisani khona noNongqongqoshe yila esesabisa ukuthatha izimali zalo mnyango aziyise kwezinye izifundazwe ezizimisele ngokusebenza.

Okubi kuzona lezi zisebenzi ezibuyisela imali emuva yingoba vele azinalo uthando lwabantu, uma evala uxhaso uselaya laba bantu abahlwempu, lezi zisebenzi ezingazimisele vele ukunikeza abantu izindlu, lokho kufana nokuthi uNgqongqoshe akazwelani nalaba bantu abancishwe intuthuko uma enqamula uxhaso.

Uma efuna bezwe ubuhlungu bobuvila babo akabavalele amabonasi, nokunye okushaya bona qobo noma ijazi ligcwale umoya kovilavoco, kodwa uNgqongqoshe akazi ukuthi kunemibutho yemiphakathi angachemile nezinhlangano zezombusazwe ezifana naBahlali baseMjondolo, Movement SA emele amalungelo abantu abahlala eminjondolo nabahluphekile kusukela ngo-2005 kuze kube yimanje.

Uma enesifiso sokuxhumana nabantu ngqo abaphansi bazikhulumele bona athole namanye amahlazo ohlelweni lwezindlu lapho zihamba ngobuqembu, ubuhlobo, ucansi, nokugwaziswa ngazo nezisebenzi zikahulumeni ezingekho kulolu hlelo kodwa zibe nazo zinezindlu zemixhaso.

Mnikelo Ndabankulu
eThekwini