Isolezwe: Sebelahle ithemba ngoNgqongqoshe

Sebelahle ithemba ngoNgqongqoshe

INHLANGANO yabaHlali baseMjondolo ithi kufana nokuthela amanzi emhlane wedada ukubuyiswa kwemali engu-R120 million enikezwe uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, oholwa nguNgqongqoshe uMaggie Govender.

UNobhala wale nhlangano, uNksz Bandile Mdlalose, uthe uma lo Mnyango usaphethwe nguNkk Govender akukho okubonakalayo okuzokwenzeka ngoba umsebenzi uyamehlula.

“Kwakhona ukuthi kuze kubuyiselwe emuva u-R200 million ekubeni kunabantu abangenawo amakhaya yihlazo. Thina asiboni kuzoba khona umehluko ngoba uyamchitha lo Mnyango awuphethe,” kusho uNksz Mdlalose.

UMnyango kaNkk Govender ugixabezwe ngo-R120 million nguNgqongqoshe woMnyango wokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke, uMnuz Tokyo Sexwale, ngesikhathi ehambele kulesi sifundazwe eMnambithi ukuyohlola umonakalo odalwe yizikhukhula.

Wathembisa ukuthi abadilikelwa yizindlu ngesikhathi kuhlasele izimvula bazohlomula emalini engu-R100 million ezonikezwa lesi sifundazwe ukuze sivuse imizi yabantu eyawa.

Le mali uSexwale wathi kufanele isetshenziselwe ukulungisa izindlu ezonakele nesezindala zemixhaso kuphinde kwakhiwe kabusha ezakhiwa kabi yizinkampani zokwakha ngenxa yokujaha imali kunokwenza umsebenzi owemukelekayo.

Bekungakapholi maseko uMnyango kaNkk Govender wephucwe u-R200 million ngokazwelonke ngenxa yokuthi uyehluleka ukusebenzisa imali ngendlela ukwakhela abahlwempu izindlu zemixhaso.

Le nhlangano ithe kufanele uSexwale ayibuyise yonke imali ayithathe kulesi sifundazwe ngoba kufana nokwethuka abantu abangenawo amakhaya ukuyithatha esikhundleni sokukhomba indlela uNkk Govender.