Isolzwe: Babhodl’umlilo abahlali basemaflethini

http://www.iol.co.za/isolezwe/babhodl-umlilo-abahlali-basemaflethini-1.1120506

Babhodl’umlilo abahlali basemaflethini

August 18 2011 at 12:14pm

SIMPHIWE NDWANDWE

KUCISHE kwachitheka gula linamasi izolo ngesikhathi abahlali basefulethini elixhaswe nguMasipala weTheku noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni, i-Valley View, eHillary bevuka umbhejazana beshisa amathayi becikwa isinqumo sokuba baxoshwe kulama fulethi. Amasango angenela kulama fulethi abevutha amalangabi emini, abahlali bepiklela amaphoyisa abesegcwele kule ndawo.

USihlalo wekomidi labahlali, uMnuz Troy Morrow, uthe abahlali bacasulwe ukunyuswa kwerenti okuthiwa isimba eqolo ekubeni kwakuthiwe le ndawo yakhelwe abantu abahola kancane.

UMorrow uthe beberenta u-R850 selokhu kwakhiwa lama fulethi, muva nje irenti isikhuphuke ngendlela exakile kwazise abanye abahlali sebekhokha imali ecela ku-R3 000.

“Namuhla kufike abebezokhipha abantu ezindlini ngoba bengasakwazi ukukhokha imali okwenyuswe ngayo irenti. Abantu bavele bathukuthela bashisa amathayi bavala amasango. Kuze kwadingeka kufonelwe nabantu abebesemsebenzini ukuze babuye ngoba bese singasaqondi ukuthi kuqhubekani,” kusho uMorrow.

Isinqumo sokuthi kukhishwe abahlali sigunyazwe yinkantolo ngemuva kokuba inkampani ewaphethe inikele khona.

Uthe akukhona ukuthi abafuni ukukhokha kodwa bafuna ukuthi kuhanjiswe ngokwesivumelwano esenziwa bethatha izikhiye.

Kudingeke ukuthi kubizwe amaphoyisa aqapha udlame emphakathini njengoba abantu kade sebevuke umbhejazane. Lama fulethi ayingxenye yohlelo lokwakhela abantu abantulayo izindlu ezibiza kancane. Akhiwa yinkampani ebizwa ngokuthi iSohco, ibambisene nomasipala weTheku nohulumeni.

Omunye wabahlali, uMnuz Small Zwane, uthe akusahanjiswa ngokwesivumelwano okwakungenwe kuso ekuqaleni. “Sethenjiswa ukuthi sizohlala kulama fulethi kuze kuphele iminyaka emine bese sikhokha irenti ngesivumelwano sokuthi sesingathenga. Kodwa konke lokhu sekuguqukile manje, abale nkampani bathi sekufanele sikhokhe irenti size sife,” kuchaza uZwane.

UMorrow uthe bazoyigxoba kuze kube kusasa kusalungiswa indaba yalama fulethi ngoba bashaya phansi ngonyawo abahlali bathi ngeke baze banyakaze bayophuma beyizidumbu.

UMasipala weTheku uyalwazi lolu daba lwamafulethi kodwa bakhala ngokuthi owayelusingethe ohlangothini lomkhandlu, uMnuz Thabo Mukoleli, wayekhombisa ukuchema nenkampani.

Abakwa-Sohco nomasipala abatholakalanga ukuphawula izolo.